Abaqalayo ukungena Izibonelo Zemigomo

Abaqalayo ukungena. Njengoba kuyimboni edinga imali yokuqhuba ibhizinisi, abafakizicelo bakuSigaba A kwadingeka ukuba bafake utshalomali olukhulu kwingqalasizinda yemboni yezokudoba (isib. isikebhe, izikhungo zokusebenzela) nezokwazisa eminyakeni eyi-15 edlule ukuze babe nezinkampani ezingenisa umnotho. Abafakizicelo Besigaba A basebenzise i-TAC yabo ngokugcwele, bedoba isilinganiso esingaphezu kwe-TAC yesabelo sabo ngama-90% ngesikhathi sokudoba ngasinye. Yize amalungelo ehlanganisiwe ngesikhathi samalungelo esidlule, izindlela zokuphatha ukwabiwa kwe-TAC azishintshanga futhi bekungabekwanga phambili labo abanezabelo ezincane zokusiza ekuhlinzekeni ngamathuba okubandakanya ngendlela enenzuzo embonini yezokudoba. Njengoba kusakhunjulwa okunhlobonhlobo ngomkhakha owasungulwa ngaphansi kwamalungelo esikhathi eside aphambilini maqondana notshalomali, ukuqhutshwa komsebenzi, uzinzo kwezomnotho kanye nokukhula kwebhizinisi, uMnyango uzobheka ukubandakanya abaqalayo ukungena ukuze balandela isigaba 2 Sezimpokophelo Nemigomo, kanye nesigaba 18(5) se-MLRA yoMnyango.