UMNYANGO WEZAMAHLATHI, EZOKUDOBA NEZEMVELO
UMNYANGO WEZAMAHLATHI, EZOKUDOBA NEZEMVELO
INQUBOMGOMO EWUHLAKA YOKWABIWA KWAMALUNGELO OKUDOBELA UKUHWEBA EMBONINI YEZOKUDOBA ISIKHUPHASHI SASEMADWALENI SASOGWINI OLUSENINGIZIMU (I- SOUTH COAST ROCK LOBSTER): 2021
LE NQUBOMGOMO EWUHLAKA KUMELE IFUNDWE NDAWONYE NENQUBOMGOMO EWUHLAKA EWUJIKELELE YOKWABIWA KWAMALUNGELO OKUDOBELA UKUHWEBA: 2021 XXXXX XXXXXXXXXXXX XXXXXXXX XXXXXXXXXXXX KWAMALUNGELO OKUDOBELA UKUHWEBA:2021
(Itholakala xx-xxx.xxxxxxxxxxx.xxx.xx)
(In case of any inconsistency, the English text of the Gazetted Draft Policy will prevail).
OKUQUKETHWE
2. Iphrofayela yemboni yezokudoba 3
3. Inqubo yokwabiwa kwamalungelo ezokudoba isikhathi eside yangaphambilini 6
INGXENYE B: INQUBO YOKWABIWA KWAMALUNGELO OKUDOBELA UKUHWEBA 8
5. Ukugunyaza amalungelo okudoba 8
5.1. Uhlobo Lwabanikazi Bamalungelo 8
5.2. Ubungako besikhathi selungelo 8
5.3. Ukubandakanya imikhakha eminingi 8
5.4. Ukudluliswa Kwamalungelo Abiwe Ngokwale Nqubomgomo 9
8. Indlelakuhlunga Yezabelo 10
9. Indlelakuhlunga yokuhlola 10
9.1. Indlelakuhlunga eqondene nokushiya ngaphandle 10
(b) Ubunikazi bemvume ngokwamaphepha 11
(c) Ukukhohlisa Ngobunikazi 11
(d) Ukukhokhwa kwezinkokhelo 11
9.2. Indlelakuhlunga yokuqhathanisa eqondene nokulinganisa 11
(a) Indlela okudotshwa ngayo (Kusebenza Kubafakizicelo beSigaba A) 11
(b) Isipiliyoni sokudoba xxxxx xxxxxxx (Kusebenza kubafakizicelo beSigaba B no-C) 12
(c) Izikebhe ezifanelekile (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C). 12
(d) Ukulandelwa kwezimiso (Kusebenza kubafakizicelo beSigaba A no-B) 13
(e) Utshalomali embonini yezokudoba (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C). 13
(f) Uguquko (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C). 13
(g) Ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi xxxxx xxxxxxxxxxx yokuqasha (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C) 14
INGXENYE C: IZINDLELA ZOKUPHATHA 15
10. Indlela yokubhekana nemboni yezokudoba yohlelo lwemvelo 15
12. Isibalo samalungelo aphuciwe 15
15. Ukuqapha nokuhlolwa kwenqubomgomo 16
INGXENYE A: ISINGENISO
1. Isingeniso
Le nqubomgomo yokwabiwa nokuphathwa kwamalungelo okudoba Isikhuphashi Sasemadwaleni Sasogwini Oluseningizimu (i-South Coast Rock Lobster) ("imboni yezokudoba i-SCRL") ikhishwe wuNgqongqoshe Wezokudoba, Ezamahlathi Nezemvelo ("uNgqongqoshe") futhi iyobizwa ngokuthi "Inqubomgomo Yemboni Yezokudoba Isikhuphashi Sasemadwaleni Sasogwini Oluseningizimu: 2021". Inqubomgomo Yemboni Yezokudoba Isikhuphashi Sasemadwaleni Sasogwini Oluseningizimu: 2021 iyofundwa ndawonye neNqubomgomo Ewujikelele yowezi-2021 Yokwabiwa Kwamalungelo Ezokudoba ("Inqubomgomo Ewujikelele: 2021").
UNgqongqoshe, ngokwesigaba 79 soMthetho Wezinsiza Eziphila Olwandle 18 we-1998 ("i- MLRA"), wadlulisela amandla okugunyaza amalungelo okudobela ukuhweba aqukethwe ngokwesigaba 79 soMthetho Wezinsiza Eziphila Olwandle 18 we-1998 ("i-MLRA") ezikhulwini zoMnyango Wezamahlathi, Ezokudoba Nezemvelo ("uMnyango").
Inqubomgomo Yemboni Yezokudoba Isikhuphashi Sasemadwaleni Sasogwini Oluseningizimu: 2021 yendlala izimpokophelo, indlelakuhlunga, kanye nokucutshungulwayo okuzoba wumhlahlandlela wokwabiwa kwamalungelo okudoba embonini yezokudoba Isikhuphashi Sasemadwaleni Sasogwini Oluseningizimu. Le nqubomgomo izosekela isiphathimandla esigunyaziwe ekuthatheni izinqumo zokufakwa kwezicelo kule mboni yezokudoba.
2. Iphrofayela yemboni yezokudoba
2.1. Incazelo ngemboni yezokudoba
Imboni yezokudoba i-SCRL iwuhlobo lokudoba ngonoxhaka bentambo ende emanzini ajulile eyaqala ngowe-1974. Kuleso sigaba, izikebhe zaseNingizimu Afrika nezakwamanye amazwe zazidoba le nsiza esemanzini ajulile. Nokho, ngowe-1976 iNingizimu Afrika yaqoka Indawo Yezomnotho Ekhethekile engamamayela angama-200 eqondene nayo futhi yaphumelela ukumisa ukuzibandakanya kwabantu bakwamanye amazwe embonini ye-SCRL. Yizikebhe zaseNingizimu Afrika ezingama-26 zizonke ezasala embonini yezokudoba. Xxxxxxx xxxxx xxxxxx ku-15 ngowe-1981 emuva kweminyaka yokudoba okungagcineki nokungalawulwa okwaholela ekufadalaleni kwezinsiza. Ngowe-1975, amathani ayizi-2092 esikhuphashi sasemadwaleni sasogwini oluseningizimu adotshwa futhi ngowe-1981 lokhu kwasekwehle kwaba amathani ayi-176.
Imboni yezokudoba i-SCRL yaqala ukulawulwa ngokwenani lokuvumelekile okungadotshwa sekukonke ("i-TAC") ngowe-1984. Kwamiswa i-TAC yamathani angama-450 (i-tail mass) Emuva
xxxxxxxxxx xxxxxxxx, ucwaningo lwaveza ukuthi isibalo sezinsiza sasisashona phansi. Iqhingasu lezokuphatha lale mboni yezokudoba lashintshwa kakhulu ngowezi-2000. Kwethulwa i-TAC ehlanganisiwe xxxxx xxxxxxx xxxxxxxxxxxxxxx uwonke ("i-TAE"), eyayinciphisa isibalo sezinsuku isikebhe se-SCRL okwakumele isichithe olwandle. Umkhawulo "wezinsuku zasolwandle" ubalwa ngokwesabelo se-TAC eyabanjwa yisikebhe esithile, kubhekwa amandla okudoba kwesikebhe.
Uhlelo lwezokuphatha loMnyango lwemboni ye-SCRL luthele izithelo. I-TAC ye-SCRL xxxxxxx xxxxxx xxxxxxxxx angama-340 (xxxxx xxxxxxxxx xxxxx-1 922 olwandle) ngesikhathi sokudoba sowezi-2001/2002 xxxxx xxxxxxxx xxxxxx-382 (xxxxx xxxxxxxxx zasolwandle eziyizi-2 089) ngowezi-2007/2008, xxxxx xxxxxxx ngokungengaphezu kwama-5% maphakathi nonyaka phakathi kwamathani angama-317 namathani angama-363 kusukela ngaleso sikhathi. Isinqumo somkhawulo wokudotshwayo silawulwa ngokwe-Operational Management Procedure ("i-OMP"), eyethulwa okokuqala ngowezi-2008. Sekube nama-OMP amaningi asungulwa nabuyekezwa, njengoba elandelayo ebuyekeziwe kulindeleke ukuthi iphume ngowezi-2022. Izimpokophelo ze- OMP yakamuva, 'i-OMP-2019', bekuwukugcina ukushintshwa kwe-TAC yaphakathi nonyaka ingadluli kuma-5%, ukwandisa isilinganiso samaqanda abekelwayo kule nsiza ngama-30% esikhathini seminyaka engama-20 (2006 kuya kowezi-2025) xxxxx xxxxxxxxxxxxxx i-TAC ibe ngaphansi kwamathani angama-321 ngesikhathi sokudoba sowezi-2019/202 xxxxx xxxxxx- 2020/2021. Isikhathi sokudoba somkhakha wezokudoba i-SCRL onyakeni wonke siqala mhla lu-1 Okthoba kuya kowezi-30 Septhemba xxxx i-TAC inqunywa minyaka xxxxx yisiphathimandla esigunyaziwe.
I-TAC yaseminyakeni eyi-15 edlule
I-TAC (i-tail mass yamathani)
390
370
350
330
310
290
270
250
Isikhathi sokudoba
Izikebhe zinemboni yokuqhuba imisebenzi yalezi zinhlanzi ngaphakathi kuzo, izinhlelo zokupakisha nokomisa ngamaqhwa noma izinhlelo sokugcina izikebhe ezakhiwe ngokukhethekile.
Imisila yesikhuphashi xxxxx xxxxxxxxxxxxx eziphelele ezomiswe ngeqhwa zomiswa ngeqhwa olwandle, uma sezithululwa echwebeni laseKapa naseGqeberha, iyakalwa futhi ipakishwe kabusha ezikhungweni ezisogwini. Njengoba imisebenzi yokulungiswa kwalezi zinsiza yenzeka olwandle, ingqalasizinda yasogwini ayiyiningi. Izikhuphashi eziphilayo zithunyelwa ezikhungweni zamathangi ezikhuphashi eziphilayo. Cishe konke okudotshiwe kuthunyelwa emazweni angaphandle, ikakhulukazi e-USA njengengxenye yemikhiqizo eyomiswe ngeqhwa bese imikhiqizo ephilayo ithunyelwe e-Italy, eFrance nase-Taiwan.
Izikebhe zifakwa izintambo kwenzelwa uhlelo lokudoba ngonoxhaka bentambo. Onoxhaka baplastiki abamise okwesigubhu bamiswa isikhathi sokusebenza esihlukahlukanayo kusukela kumahora angama-24 kuya ezinsukwini eziningana. Isikebhe ngasinye sivame ukuthwala nokuhlela kabusha onoxhaka abalinganiselwa kuzi-2000 kuya kuzi-6000 ngosuku ngamasethi onoxhaka abayi-100 kuya kwezingama-200. Ukudoba ngonoxhaka bentambo ende kuyindlela yokudoba edinga abasebenzi abaningi. Abasebenzi bahlanganisa abantu abangama-35. Izikebhe zasembonini ye-SCRL ezinkulu, izikebhe zakude nogu zihlukana ngobude obuphakathi kwamamitha angama-30 nama-60. Zidoba phakathi kwezinsuku eziyi-180 nama-300 ngonyaka. Ngesikhathi esifanele sokugcina, kusukela ngowezi-2005 kuya kowezi-2020, isibalo sezikebhe ezazidoba sasiyizikebhe eziyi-10 ezikhathini zokudoba zaphambilini futhi xxxxx xxx kwehla i-TAC izikebhe zazinza ku-7 noma u-8 ngesikhathi sokudoba. Izikebhe eziyi-7/8 zidobe amathani alinganiselwakuma-38 (i-tail mass) ngesikhathi sokudoba ngasinye.
Imboni ye-SCRL isebenza ngemali yokuqhuba ibhizinisi, okudinga izikebhe ezinkulu, isibalo ezikhulu sabasebenzi basesikebheni, ukufinyelela ezimakethe zakwamanye amazwe xxxxx xxxxxxxx ezinezindleko zokusebenza njengofuwela, ukunakekelwa kwezikebhe xxxxx xxxxxxxx.
2.2. Okuhlukahlukene ngesimo semvelo xxxxx xxxxxxxxx
Isikhuphashi sasemadwaleni sasogwini oluseningizimu (i-Palinurus gilchristi) sihlala endaweni eyodwa okuyisengxenyeni eseningizimu neNingizimu Afrika, okuba sezindaweni eziphansi olwandle ezinamadwala asekujuleni okungamamitha angama-50 kuya kuma-200 futhi sigcina phakathi kwe-Cape Agulhas eningizimu-ntshonalanga xxxxx xxxxXxxxx enyakatho-mpumalanga. Lolu hlobo lwezinhlanzi lutholakala ezindaweni ezimbili ngobuningi obulungele ukuhweba: kude nogu lwase-Agulhas, endaweni elinganiselwa kumakhilomitha angama-200 ngasogwini, nasezindaweni eziseduze kogu (amakhilomitha ama-2 kuya kwangama-50 usuka ogwini) phakathi kwase-Mossel Bay naseMonti. Izindawo zokudoba okwakudotshwa kuzo emandulo zihlukaniswe zaba yizindawo ezine, i-Agulhas Bank, xXxxxx xxxxx xx-Xxxx Xxxxxx. Indawo yase-Port Xxxxxx inendawo yokudoba eqondile, evulekayo eMonti nase-St Xxxxxxx xxxx ivuleke kakhulu kakhulu e-
Agulhas Bank. Isikhuphashi sasemadwaleni sasogwini oluseningizimu siwuhlobo lwenhlanzi yasemanzini abandayo esikhula kancane futhi esiphila isikhathi eside. Indawo eduze nogu ephakathi kwe-Danger Point ne-Cape Agulhas iyindawo ebalulekile okuhlala kuyo lolu hlobo lwezinhlanzi olusakhula, ezithuthela e-Agulhas Bank uma sezikhulile xxxxx xxxxxxxxxxx eseduze nogu ephakathi kwe-Mossel Bay ne-Port Xxxxxxxxx. Izikhuphashi zasemadwaleni eziba phakathi kwe-Port Xxxxxx neMonti zivame ukuba zincane, zikhule ngokungasheshi futhi azifuduki. I-Slipper lobster (i-Scyllarides elisabethae), Xxxxxxx (i-Octopus magnificus), i-Panga, i-Hagfish ne-Kingklip zithathwa ngokuthi zingokudotshwa kungaqondiwe embonini ye-SCRL.
3. Inqubo yokwabiwa kwamalungelo ezokudoba isikhathi eside yangaphambilini
Ngowezi-2005 amalungelo okudoba abelwa izinkampani zezokudoba (ezinezikebhe eziyisikhombisa sezizonke) isikhathi seminyaka eyi-15 kuya kweyi-17.
Xxxxxxxxxxx xxxxxxxx yomkhakha ngowezi-2005/2006 xxxxxx xxxxx:
(a) Abanikazi bamalungelo abangaphezu kwama-60% embonini yezokudoba kwakungabantu abamnyama abangabaninimasheya abangaphezu kwama-50%.
(b) Iphesenti le-TAC nele-TAE elikubantu abamnyama libe ngama-72.22% nama-72.18% ngokwahlukana; futhi
(c) Iphesenti labaninimasheya/ubulungu babantu besimame lalingama-18.42%.
Ngesikhathi selungelo seminyaka eyi-15, izinkampani zezokudoba zihlanganise amalungelo azo futhi kwathi ekupheleni kwelungelo ngowezi-2020, kwaba yizinkampani eziyisikhombisa kweziyishumi nesikhombisa ezasala.
Ekupheleni kwelungelo lokudoba lesikhathi eside ngowezi-2020, abanikazi bamalungelo abayisikhombisa babedobe izabelo eziphakathi kwama-94% nama-100% xxxxxxx xxxx xxxxxxxxxxx xxxxxxxx xxxxxxxx. Abane kubanikazi bamalungelo abayisikhombisa babene-TAC engamathani angu-< 40 futhi abanikazi bamalungelo abane (inkampani xxx-XXX enkulu kakhulu xxxxx xxxxxxxxxxxx ezintathu ezine-TAC encane kakhulu) ababenamalungelo kweminye imikhakha. Izinkampani ezimbili ezine-TAC enkulu kakhulu zazinobunikazi obungama-100% bezikebhe xxxx abanikazi bamalungelo abasele kulindeleke ukuthi bangaba nobunikazi obuyingxenye kwezinye izikebhe ezine ezisetshenziswe kamuva.
Umnikazi welungelo wangaphambilini | I-TAC yakamuva (i-kg tail mass) | I-% TAC | I-% eliyisilinganiso esimaphakathi le-TAC ebanjwe ngesikhathi sokudoba | Isibalo sezikebhe ezinobunikazi obungama-100% | Isibalo samalungelo kweminye imikhakha |
Umnikazi welungelo 1 | 135 198 | 40.3 | 92 | 3 | 4 asebenzayo, 4 aphelelwe isikhathi |
Umnikazi welungelo 2 | 83 842 | 25.0 | 100 | 1 | 0 |
Umnikazi welungelo 3 | 59 513 | 17.8 | 97 | 0 | |
Umnikazi welungelo 4 | 23 508 | 7.0 | 98 | 0 | |
Umnikazi welungelo 5 | 13 958 | 4.2 | 100 | 1 elisebenzayo, 1 eliphelelwe xxxxxxxxx | |
Xxxxxxxx welungelo 6 | 11 379 | 3.4 | 94 | 1 elisebenzayo, 2 aphelelwe xxxxxxxxx | |
Xxxxxxxx welungelo 7 | 7 667 | 2.3 | 98 | 1 eliphelelwe isikhathi |
4. Izimpokophelo
4.1Izimpokophelo zokwabiwa kwamalungelo okudoba embonini ye-SCRL wukwenza okulandelayo:
(a) ukusebenzisa ngokusemandleni nokugcina ngendlela yemvelo kwezinsiza eziphila olwandle;
(b) isidingo sokugcina izinsiza eziphilayo olwandle kwenzelwe izizukulwane zamanje nezangomuso;
(c) isidingo sokusebenzisa izindlela zokuqikelela maqondana nokuphathwa nokuthuthukiswa kwezinsiza eziphila olwandle.
(d) ukusekela uzinzo lwezomnotho xxxxx xxxxxxxxxxx xxxxxxxx xxxxxxxxxx.
(e) ukwabela abafakizicelo, abathembele ku-SCRL njengensizangqangi yokungenisa imali, amalungelo;
(f) ukukhuthaza uguquko, xxxxxxxxx xxxxxxxxxxxxxxx ngendlela enenzuzo (xxxxxxxxx xxxxxxxx xxxxxx, xxxxxxxxx xxxxxx, xxxxx xxxxxxxxxxxxx) xxxxx xxxxxxxxx;
(g) ukuthuthukisa izingaqophelo lemisebenzi ngokukhuthaza ukuqashwa kwabasebenzi ngokuphelele nokwabela ama-SMME angawabantu ababephucwe amathuba phambilini;
(h) ukukhuthaza ukulandelwa kwezinqubo zokuphathwa kwabasebenzi ngokufanele;
(i) ukukhuthaza ukutholakala kokudla xxxxx xxxxxxxxx xxxxxxx;
(j) ukukhuthaza ubunikazi babantu abasha nabesifazane xxxxx xxxxxxxxxxxxxxxx.
INGXENYE B: INQUBO YOKWABIWA KWAMALUNGELO OKUDOBELA UKUHWEBA
5. Ukugunyaza amalungelo okudoba
Amalungelo okudoba agunyazwa ngokwesigaba 18 se-MLRA. Wonke amalungelo ayoba semthethweni kusukela ngosuku lokwabiwa kwawo isikhathi esingengaphezu kweminyaka eyi-15, okuyothi emuva kwalokho anqanyulwe bese abuyiselwe kuHulumeni.
5.1. Uhlobo Lwabanikazi Bamalungelo
5.1.1. Kuyocutshungulwa izicelo zezinkampani, ama-close corporations xxxxx xxxxxxxxxxxxxxxx yaseNingizimu Afrika kuphela eyakhiwe yizinkampani ezisemthethweni zaseNingizimu Afrika kuphela. Izicelo ezivela kumuntu ngayedwana angeke zamukelwe.
5.1.2. Labo bafakizicelo ababenamalungelo embonini ye-SCRL phambilini futhi abaphindayo ukufaka isicelo sokuthola amalungelo okuhweba embonini ye-SCRL, bayothathwa ngokuthi Bangabafakisicelo Abasesigabeni A. Abafakizicelo abanamalungelo kweminye imikhakha ngaphandle kwe-SCRL ngesikhathi sonyaka wezi-2005 kuya kowezi-2020 bayothathwa ngokuthi Bangabafakizicelo Abasesigabeni B. Abafakizicelo abangakaze babe namalungelo okudobela ukuhweba phambilini kunoma omuphi umkhakha wemboni yezokuhweba eNingizimu Afrika bayothathwa ngokuthi Bangabafakizicelo Abasesigabeni C.
5.2. Ubungako besikhathi selungelo
Amalungelo okudoba ayogunyazwa ku-SCRL isikhathi esingeqe eminyakeni eyi-15. Ubungako besikhathi samalungelo siyonqunywa isiphathimandla esigunyaziwe kubhekwa, phakathi kwezinye izinto, izinga loguquko embonini yezokudoba, imali yempahla ekhona embonini yezokudoba, isidingo sokukhuthaza ukuqhubeka kotshalomali nokukhula komnotho, ulwazi lwamanje ngesimo semvelo sezinhlobo zezinhlanzi eziqondiwe xxxxx nokusebenza kwababambiqhaza embonini yezokudoba.
5.3. Ukubandakanya imikhakha eminingi
Abafakizicelo Embonini Yezokudoba ye-SCRL (kubandakanya abaninimasheya abalawulayo xxxxx xxxxxxxxx ethimba labo eliphezulu eliphethe) angeke bashiywe ngaphandle ekubeni namalungelo okudobela ukuhweba kweminye imikhakha yezokudoba.
5.4. Ukudluliswa Kwamalungelo Abiwe Ngokwale Nqubomgomo
Ngokwesigaba 21 se-MLRA uNgqongqoshe angase agunyaze ukudluliswa kwengxenye noma ngokuphelele kwamalungelo okudoba. Nokho, amalungelo agunyazelwe imboni yezokudoba ngokwe-MLRA akazukudluliswa eminyakeni yokuqala emihlanu egunyaziwe.
6. Isibalo sezikebhe
Njengamanje kunezikebhe zokudoba i-SCRL eziyisishiyagalombili ezisebenza emanzini aseNingizimu Afrika ezivuna i-TAC yowezi-2020/2021 engamathani angama-337.
Njengoba abanye abafakizicelo abaphumelele bengeke babe nezikebhe zabo ngokugcwele nangenxa yokuthi izikebhe zingase zidinge ukushintshwa, uMnyango uyazi ukuthi abafakizicelo abaningi abaphumelele kungase kudingeke ukuba bafake ezinye izikebhe ezintsha emuva kokwabiwa kwamalungelo okudoba esikhathi eside futhi kuthi uma kwanda izinsiza ze-SCRL kunyuke ne-TAC. UMnyango uzohlola ngokucophelela umthelela ongaba khona ngokufakwa kwezikebhe ezintsha ohlwini lwezikebhe. Abafakizicelo abaphumelele angeke bavunyelwe ukuba bafake izikebhe ezikwazi ukwandisa umzamo ngokungaphezu kwezabelo zabo.
7. Abaqalayo ukungena
Njengoba kuyimboni edinga imali yokuqhuba ibhizinisi, abafakizicelo bakuSigaba A kwadingeka ukuba bafake utshalomali olukhulu kwingqalasizinda yemboni yezokudoba (isib. isikebhe, izikhungo zokusebenzela) nezokwazisa eminyakeni eyi-15 edlule ukuze babe nezinkampani ezingenisa umnotho. Abafakizicelo Besigaba A basebenzise i-TAC yabo ngokugcwele, bedoba isilinganiso esingaphezu kwe-TAC yesabelo xxxx xxxxx-90% ngesikhathi sokudoba ngasinye. Yize amalungelo ehlanganisiwe ngesikhathi samalungelo esidlule, izindlela zokuphatha ukwabiwa kwe-TAC azishintshanga futhi bekungabekwanga phambili labo abanezabelo ezincane zokusiza ekuhlinzekeni ngamathuba okubandakanya ngendlela enenzuzo embonini yezokudoba.
Njengoba kusakhunjulwa okunhlobonhlobo ngomkhakha owasungulwa ngaphansi kwamalungelo esikhathi eside aphambilini maqondana notshalomali, ukuqhutshwa komsebenzi, uzinzo kwezomnotho kanye nokukhula kwebhizinisi, uMnyango xxxxxxxx xxxxxxxxxxxxx abaqalayo ukungena ukuze balandela isigaba 2 Sezimpokophelo Nemigomo, xxxxx xxxxxxxx 18(5) se-MLRA yoMnyango.
8. Indlelakuhlunga Yezabelo
Kule mboni yezokudoba, uhlelo lokwaba xxxxxxx luzokwakhiwa ngokuhlaziywa kolundelayo ngendlela ehlanganisayo:
- i-TAC yangaphambilini eyayingeyabafakizicelo bakuSigaba A;
- ubungako bokusetshenziswa kwe-TAC ngabafakizicelo bakuSigaba A;
- ukwabiwa kabusha kwe-TAC phakathi kwabafakisicelo bakuSigaba A ukuthuthukisa ukwabela abafakizicelo bakuSigaba A abanesibalo esincane ngokwasemlandweni, ukusiza xxxx nokubamba iqhaza okunenzuzo embonini yezokudoba;
- ukwabelwa kwabafakizicelo bakuSigaba B no-C nge-TAC ehambisana nezabelo zabafakizicelo bakuSigaba A xxxxxxxxxxx xxxxxxxxx kwamalungelo kwesikhathi eside xxxxxxxxxxxxx; xxxxx
- nezinga abafakizicelo abaphumelele ngalo ukufeza izimpokophelo zoMnyango.
Uma kwenzeka izinsiza xxxx xxxxx futhi, i-TAC ingase inyuswe ngesikhathi sokudoba. Uma kwenzeka lokhu, uMnyango uzosebenzisa indlela yesikalo esehlayo maqondana nokwabiwa kwesibalo sokwengezela ebeka phambili abanikazi bamalungelo abanezabelo ezincane.
Ukwabiwa kwesabelo kuzoba ngokwesikhashana kuze kuphothulwe inqubo yokudluliswa kwezinqumo ngokwabiwa kwamalungelo kule mboni yezokudoba. Ukuchitshiyelwa kwezibalo zokwabiwe, uma sekuphothulwe inqubo yokudluliswa kwezinqumo, kuzosetshenziswa ngezikhathi zokudoba ezilandelayo.
9. Indlelakuhlunga yokuhlola
Izicelo ziyohlolwa "ngokwendlelakuhlunga eqondene nokushiya ngaphandle emisiwe". Bonke abafakizicelo emuva kwalokho bayonikwa amaphuzu ngokwahlukana "ngokwendlelakuhlunga yokulinganisa ngokuqhathanisa" emisiwe. Kuyobe sekunqunywa umnqamula-juqu ukuze kukhethwe abafakizicelo abaphumelele futhi umzamo uyokwabelwa umfakisicelo ophumelele.
9.1. Indlelakuhlunga eqondene nokushiya ngaphandle
Ngaphezu kwendlelakuhlunga echazwe kuNqubomgomo Ewujikelele: 2021 eqondene nokufaka izicelo xxxxx xxxxxxxxxx xxxxxxxx, Xxxxxxxxxxxxxxx Xxxxxxxxxxxx sizoshiya ngaphandle abafakizicelo abahluleka ukuhlangabezana nezidingo ezilandelayo:
(a) Ukulandelwa kwezimiso
Umfakisicelo angashiywa ngaphandle uma, umninimasheya olawulayo, ilungu elinamandla okulawula, noma umqondisi, elahlwe ngecala lokuphula i-MLRA, imithethonqubo emiswe xxxxxxxxx xxxxx xxxxx xxxxxxxxxxx yemvume (ngaphandle kokunikwa ithuba lokukhetha ukukhokha inhlawulo).
Umfakisicelo uzophinde ashiywe ngaphandle uma, umninimasheya olawulayo, ilungu elinamandla okulawula, noma umqondisi, enelungelo lokudoba elisuliwe noma aliphuciwe ngokwe-MLRA.
(b) Ubunikazi bemvume ngokwamaphepha
Izicelo ezivela kubafakizicelo bobunikazi bezimvume ngokwamaphepha, njengoba kuchazwe kuNqubomgomo Ewujikelele: 2021, zizoshiywa ngaphandle..
(c) Ukukhohlisa Ngobunikazi
Kutholakala ukuthi abafakizicelo abandakanyeka Ebunikazini Ngokwamaphepha njengoba kuchazwe kuNqubomgomo Ewujikelele: 2021, bazoshiywa ngaphandle.
(d) Ukukhokhwa kwezinkokhelo
Abafakizicelo kumele balandele okudingekayo maqondana nokukhokhwa kwezindleko njengoba kuchazwe kuNqubomgomo Ewujikelele: 2021.
9.2. Indlelakuhlunga yokuqhathanisa eqondene nokulinganisa
Abafakizicelo bazohlolwa ngokwendlelakuhlunga yokulinganisa elandelayo, ezokalwa ukuze ihlole amandla ezicelo ngazinye.
(a) Indlela okudotshwa ngayo (Kusebenza Kubafakizicelo beSigaba A)
1. Indlela yokudoba kwabafakizicelo ababenelungelo lokudoba embonini ye-SCRL kusukela ngowezi-2005 kuze xxxx ngowezi-2020 izonqunywa uma bekwaze ukusebenzisa amalungelo okudoba ngempumelelo.
2. Isibalo sezikhathi zokudoba ezichithwe kudotshwa ngaphandle kokuyeka, amaphethini okudoba ngokuyekwa kulandelana izikhathi zokudoba xxxxx xxxxxxxxx bokudotshiwe (isib. iphesenti le-TAC edotshiwe, ukudoba ngokweqile) kuzobhekwa uma kukhishwa amaphuzu kulesi sigaba.
(b) Isipiliyoni sokudoba xxxxx xxxxxxx (Kusebenza kubafakizicelo beSigaba B no-C)
1. Ukubandakanyeka kwabafakizicelo kweminye imikhakha yezokudoba xxxxx xxxxxxxxxxx eqondene nayo (ukudoba, ukusebenza, xxxxxxxxxx), xxxxx
2. Nokubandakanyeka kukamfakisicelo embonini ye-SCRL kweminye imisebenzi eqondene nayo (ukudoba, ukusebenza, ezokwazisa nokuphathwa kwezimali yinkampani nabaninimasheya).
(c) Izikebhe ezifanelekile (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C).
1. Kuzodingeka ukuba umfakisicelo aveze ilungelo lokuthola isikebhe esifanelekile kwezokuvuna i-SCRL. Ukutholakala kwesikebhe kungaba ngokobunikazi, ubunikazi obuyingxenye, isivumelwano sokudotshiwe, isivumelwano sokuqasha isikebhe, noma ukuthenga isikebhe noma ukwakha isikebhe esisha. Uma umfakisicelo ehlose ukuthenga isikebhe, kuzodingeka ubufakazi besivumelwano sokuthenga futhi kumele kuhlinzekwe ngesiqinisekiso sasebhange. Esimweni sesikebhe esakhiwe kabusha, izinhlelo zesikebhe xxxxx xxxxxxxxxx ezibhalwe zachazwa yinkampani eyakha isikebhe futhi kumele kuhlinzekwe nangobufakazi bezezimali noma ingxenye yokukhokhiwe. Akuhlosiwe ukunyusa isibalo sezikebhe ngesikhathi senqubo yokudoba, kodwa uNgqongqoshe angabheka izimpokophelo zenqubomgomo lapho echitha isibalo sezikebhe ezingamukelwa.
2. Isikebhe esifanele embonini ye-SCRL yisikebhe esinokulandelayo:
a. esinobude obubhaliswe kwi-SAMSA obulinganiselwa kumamitha angama-25;
b. uhlelo olusebenzayo lokuqapha isikebhe;
c. esikwazi ukukhipha izintambo ezilinganiselwa kubude xxxxxxxxxxx xxxxxx xxxxx xxxxxxxxx xxxxx-100;
d. ezikwazi ukugcina okungenena onoxhaka abayizi-1000;
e. esikwazi xxxxxxxxx xxx-xxxxx xxxxxxxxxx; xxxxx
x. xxxxxxxxx ukuthwala abasebenzi basesikebheni abalinganiselwa kuma-30 noma ngaphezulu
Ukuze kuqinisekiswe ukuthi isikebhe siyahlangabezana nendlelakuhlunga yezikebhe efanele, abafakizicelo kumele bathumele izithombe zezikebhe xxxxx xxxxxxxxxx esitifiketi sokubhalisa ku- SAMSA.
(d) Ukulandelwa kwezimiso (Kusebenza kubafakizicelo beSigaba A no-B)
Ukuphulwa kwemithetho okuncane nokukhulu, okubandakanya lokho okuqondene nokukhokhwa kwenhlawulo yokuvuma icala noma umfakisicelo avuma icala, phakathi kowezi-2005 nowezi-2020 kungase kubhekwe njengendlelakuhlunga yokulinganisa futhi kungase xxxx nomthelela omubi esicelweni.
(e) Utshalomali embonini yezokudoba (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C).
Isiphathimandla esigunyaziwe kumele sibheke okulandelayo:
1. Maqondana nabafakizicelo bakuSigaba A, utshalomali olwenziwe ezikebheni ezifanele kanye nakwezinye izimpahla enjengezakhiwo ezinjengengqalasizinda yokuqhuba imisebenzi nezokwazisa emkhakheni xxxxxxxx x-XXXX (xxxxx, nakweminye imikhakha, uma kusebenza, kodwa lokhu kuzoba nesikalo esincane) ngesikhathi seminyaka eyi-15. Utshalomali ngokobunikazi bamasheya nakho kuzobhekwa.
2. Maqondana nabafakizicelo bakuSigaba B, utshalomali olwenziwe kweminye imikhakha ngezikebhe, impahla enjengezakhiwo, ingqalasizinda yezokuqhutshwa kwemisebenzi xxxxx xxxxxxxxxxx, kodwa okucacise xxxxx ukuzibophezela kwabo (ngokwamandla) ekutshaleni kulo mkhakha (njengokukwazi ukuthola isikebhe) kuzodingeka.
3. Bonke abafakizicelo bakuSigaba C kudingeka baveze ulwazi lwabo, amakhono xxxxx xxxxxxxx okudoba xxxxx xxxxxxxxxxx x-XXXX. Utshalomali olwenziwe ezikebheni ezifanele xxxxx xxxxx impahla enjengezakhiwo njengengqalasizinda yezokuqhutsha kwemisebenzi nezokwazisa emkhakheni wemboni ye-SCRL luzobhekwa.
(f) Uguquko (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C).
Uma kuhlolwa futhi kunikwa izicelo amaphuzu, isiphathimandla esigunyaziwe singase sikhethe abafakizicelo ngokususela kwindlelakuhlunga yoguquko. Uma kukhishwa umphumela wendlelakuhlunga yoguquko, isiphathimandla esigunyaziwe singase sibheke: izibalo zabantu noma olunye ulwazi oluhlinzekwe yi-Statistics South Africa maqondana nokwakheka kwesibalo sabantu baseNingizimu Afrika, xxxxx xxxxxxxxxx lalabo bantu elakheke ngokwamaqoqo abantu abahlukene ngokwendalo; isidingo sokuqinisekisa ukuhlonishwa nokubamba iqhaza ngendlela eqondakalayo embonini yezokudoba Kwabantu Ababephucwe Amathuba Phambilini (ama-HDI) xxxxx xxxxxxxx yokusebenza okuhle ngaphansi koMthetho Ochitshiyelwe Wokufukulwa Kwabantu Abamnyama Kwezomnotho Okubanzi.
Abafakizicelo, kuncike kufomu lomfakisicelo, bazohlolwa futhi banikwe amaphuzu
ngokwendlelakuhlunga yoguquko elandelayo:
1. Iphesenti labantu basemaqoqweni amisiwe xxxxx nama-XXX xxxxxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxx, abangabaqondisi xxxxxxx, xxxxxxxx xxxxx xxxxxxxxx xxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxxx;
2. Ubungako bokushintsha kobunikazi nokuphatha kwesikhungo somfakisicelo babantu abavela kumaqoqo amisiwe xxxxx xxxx-HDI (xxxxxxxx xxxxxxx xxxxxxxx xxxxxxxxx kwamalungelo yowezi-2013) xxxxxxxxxxxx, abushintshanga, noma behlile ngesikhathi sokudoba kulandela ukugunyazwa kwamalungelo okudoba enqubweni yokwabiwa kwamalungelo ngowezi-2013;
3. Ukuthi ingabe abasebenzi (ngaphandle kwalabo abahola kakhulu) bazuzile na ohlelweni lwezabelo lwabasebenzi;
4. Ukulandelwa koMthetho Wezokulinganisa Abasebenzi 55 we-1998 xxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxxx xxxxxxx xxxxx xxxx-HDI emazingeni ahlukene okuqasha angaphansi kwamazinga ezikhulu nabaphathi.
5. Ukuthenga ngokubeka phambili ababencishwe amathuba;
6. Ukulandelwa komthetho kwezokuthuthukiswa kwamakhono xxxxx xxxxxx xxxxxxxx ezinhlelweni zokuqeqesha nama-learnership maqondana namaqoqo amisiwe nama-HDI; xxxxx
7. Nokwelulela isandla emphakathini kwenkampani.
(g) Ukwakhiwa kwamathuba omsebenzi xxxxx xxxxxxxxxxx yokuqasha (Kusebenza kubafakizicelo bakuSigaba A, B no-C)
Isiphathimandla esigunyaziwe singabeka phambilini noma womuphi umfakisicelo ozibophezele ekugcineni amathuba omsebenzi akhona, noma ukwandisa amathuba omsebenzi uma abelwa ilungelo xxxxxxxx xx-XXXX. Ngokwalezi zinhloso isiphathimandla esigunyaziwe zizobheka izingaqophelo lamathuba omsebenzi avuliwe, okubandakanya ukulandelwa koMthetho Wemigomo Yokusebenza Eyisisekelo, 1997 (No. 75 we-1997) ("i-BCEA"); xxxxx xxxxxxxxxxxxxxx kukamfakisicelo ekuhlinzekeni abasebenzi bakhe ngokulandelayo:
1. ukuqashwa ngokugcwele;
2. i-medical aid noma woluphi olunye uhlobo lokusiza ngokwezempilo;
3. isikhwama somhlalaphansi ne-provident fund;
4. izimo zokusebenza eziphephile ngokwezidingo zomthetho ezisebenzayo; xxxxx
5. nohlelo lwamasheya lwabasebenzi, oluqinisekisa ukuthi abasebenzi bathokozela ubunikazi bamasheya ngempumelelo avela kumnikazi welungelo.
INGXENYE C: IZINDLELA ZOKUPHATHA
10. Indlela yokubhekana nemboni yezokudoba yohlelo lwemvelo
Imboni yezokudoba izophathwa ngokwendlela yohlelo lwemvelo lwemboni yezokudoba ("EAF"). Indlela yohlelo lwezemvelo lokuphathwa kwemboni yezokudoba igcina noma ithuthukisa isimo sempilo sohlelo lwemvelo futhi elinganisa ukuhlukahlukana kwezidingo xxxxx xxxxxxxxxxxxxx emphakathini. Le ndlela iphinde ichaze uhlelo lwemvelo ngokobubanzi bayo futhi ibandakanya izinhlelo zezemvelo, zezenhlalakahle, zezomnotho nezokubusa.
11. Uhlelo lomqaphi
a. Umnikazi welungelo lokudoba i-SCRL uyokwamukela umqaphi esikebheni somnikazi welungelo esikebheni esiqokiwe lapho uMnyango noma i-ejenti yawo idinga ukwenza njalo.
b. Umnikazi welungelo uyothwala izindleko zokuqokwa komqaphi uma uMnyango udinga ukuba kwenzeke njalo.
c. Umnikazi welungelo uyovumela Umqaphi ukuthi akwazi ukungena aqaphe imisebenzi yezokudoba ngaphandle kwemikhawulo, futhi ahlole ukulandelwa kwemibandela yemvume xxxxx xxxx xxxxx imithetho esebenzayo.
d. Uma kwenzeka uMnyango ukholwa wukuthi uMqaphi uyavinjwa ekwenzeni imisebenzi yakhe azibophezele kuyo nganoma eyiphi indlela noma esatshiswa nganoma eyiphi indlela esasesikebheni somnikazi welungelo, uMnyango ungaqalisa inqubo engaphansi kwesigaba 28 se-MLRA.
12. Isibalo samalungelo aphuciwe
Uma kuphuthwa ilungelo kule mboni yezokudoba, lelo lungelo lingase: (a) labelwe umfakisicelo ongaphumelelanga obefake isicelo enqubweni yokwabiwa kwamalungelo yakamuva, (b) ohlangabezane xxxxx xxxxx okuqondene nendlelakuhlunga yokushiya ngaphandle, xxxxx (c) nothole amaphuzu anelisayo phakathi kwabafakizicelo abangaphumelelanga njengoba kubhalwe Ezizathwini Zokushicilela Eziwujikelele zikaNgqongqoshe noma Isiphathimandla Esigunyaziwe sakhe. Abafakizicelo bazofakwa ohlwini lwabalindile futhi bazokwabelwa ilungelo ngokuvela kwalo ngaphandle kwesidingo sokucela ukuba kufakwe izicelo kabusha.
13. Xxxxxxxxxxx Xxxxxxxxxxxx Xxxxxxxxx Xxxxxxxx xxxxx/noma Xxxxxxx xxxxx/noma
Izintshisekelo Zamalungu
Abanikazi Bamalungelo kulo mkhakha bayolandela iNqubomgomo Yokudluliswa Kwamalungelo Okudobela Ukuhweba noma Amalungelo noma Izingxenye zakhona (iNqubomgomo Yokudluliswa) uma kudluliswa amalungelo okudoba xxx xxxxx/noma xxxxxxx xxxxx/noma izintshisekelo zamalungu.
14. Imibandela yezimvume
Imibandela yezimvume yale mboni yezokudoba izokhishwa minyaka xxxxx. Imibandela yemvume izonqunywa emuva kokubonisana nabafakizicelo abaphumelele kule mboni yezokudoba futhi izobuyekezwa lapho nangesikhathi kudingeka.
15. Ukuqapha nokuhlolwa kwenqubomgomo
15.1 UMnyango uzoqapha futhi uhlole inqubomgomo ngokuqalisa inqwaba yezindlela zokusebenza ngokugcwele kukalwa imisebenzi yokulinganisa yesikhathi seminyaka eyi-15. Kulindeleke ukuthi imisebenzi yokuqala yokukala uhlelo lokusebenza izokwenzeka njalo emuva kweminyaka eyisikhombisa (7).
15.2 Yize uMnyango uzophothula uhlelo ngqo oluqondene nendlelakuhlunga abanikazi xxxxxxxxxxx xxxxxxxxxxxxxxx ngayo emuva kokwabiwa kwamalungelo okudobela ukuhweba, xxxxx xxxxxxxxx kokubonisana nabanikazi bamalungelo, kungase kusetshenziswe izinhlelo ezihambisana nokusebenza ezibanzi:
(a) Uguquko.
(b) Utshalomali ezikebheni, izimboni nempahla yokudoba.
(c) Ukusetshenziswa ngendlela egcinekayo.
(d) Indlela Okuqhuba Ngayo Ukuvunwa Kwesikhuphashi Sasemadwaleni Sasogwini Oluseningizimu
(e) Okudobekile kwezimiso zokungenelela ngemithetho nemithethonqubo esebenzayo.
(f) Ukulandelwa kwezimiso zokungenelela ngemithetho xxxxx xxxxxxxxxxxxxxx esebenzayo.
(g) Ukubika ngokudotshiwe ngesikhathi nangokugcwele xxxxx xxxxxxx ulwazi olusebenzayo.
15.3 Inhloso yokulinganisa ukusebenza kuzoba wukuqinisekisa ukuthi izimpokophelo xxxx nqubomgomo eziwuhlaka ziyafezwa.
16. Ukuphula Imithetho
Ukuphula imithetho okuyizinhlobo ezilandelayo:
(a) Umfakisicelo ophumelele ohluleka ukusebenzisa xxxxxxxx xxxxxxxx xx-XXXX nganoma esiphi isikhathi sokudoba esisodwa ngesikhathi Ilungelo lakho ligunyaziwe kunencazelo ezwakalayo;
(b) Ukuphula kwezinhlinzeko ze-MLRA, Imithethonqubo ye-MLRA, Imigomo Yezimvume, inqubomgomo Yokudluliswa Kwamalungelo xxxxx xxxxxxx Imithetho ehambisana nayo emigomweni yeMvume kaMninilungelo, noma abasebenzi bayo (okungaba ngabasebenza ngokugcwele, okungaba ngokuphelele noma ngezikhathi ezithile), osonkontileka bayo, ama-ejenti noma abeluleki xxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxxx;
kungadala ukuba kuqaliswe inqubo yezomthetho (engase ibandakanye ukuqaliswa kwenqubo yesigaba 28 ye-MLRA xxxxx noma xxxxxxx xxxxxxxx xxxxxxxxxxxx).
ISIGINESHA YOKUGUNYAZA
(As English version Gazetted)