1) UMasipala kumele ukhiphe isaziso sesicelo ezinsukwini ezingama-21 wazise umfakisicelo ukuthi isicelo sigcwaliswe ngokuphelele. 2) UMbhalisi wezokuHlela kaMasipala angadinga ukuthi umfakisicelo axhumane nomphakathi ngezindleko zomfakisicelo. (3) Usuku lokuvala lokuletha izimvo ngesicelo semvume yezokuhlela kamasipala angeke sibe ngaphansi kwezinsuku ezingama-30 kusukela ngosuku okukhishwe ngalo isaziso. (4) Isaziso sesicelo semvume yezokuhlela kamasipala kumele sibandakanye okubalulwe ephuzwini 9(3). (5) Umfakisicelo kumele ahlinzeke uMbhalisi wezokuHlela kaMasipala ngobufakazi bokuthi isaziso sesicelo semvume yezokuhlela kamasipala sakhishwa. Ukukhishwa kwesaziso somphakathi