ISAHLUKO 10 IZIHLINZEKO EZIJWAYELEKILE Izibonelo Zemigomo

ISAHLUKO 10 IZIHLINZEKO EZIJWAYELEKILE. Ukuzimela kwesiGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela sikaMasipala kanye nesiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo 107.(1) IsiGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela sikaMasipala kanye nesiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo sikaMasipala kumele zisebenzise amandla azo ngokuzimela, ngaphandle kwahulumeni nabanye, futhi ngokuhambisana namazinga aseqophelweni obuqotho, okungachemi nawokusebenza ngendlela efanele. (2) Akekho umuntu, akukho Masipala noma hlaka lukahulumeni olungathikameza ukusebenza kwesiGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela noma kwesiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo. Ukudalulwa kokuhlomula 108.(1) IsiGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela sikaMasipala, isiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo sikaMasipala kanye noMsebenzi obhekele ukuGcinwa koMthetho wezokuHlela kaMasipala kanye nabasebenzi bamasipala abasebenzisa noma yimaphi amandla ngokwalo Mthetho kaMasipala, kumele ezinsukwini eziyi-10 beqokiwe, balethe incwadi kuMphathi kaMasipala – (a) edalula ukuhlomula kwabo ngokwezezimali nokunye ukubandakanyeka kwabo emkhakheni wezokuhlela noma emikhakheni ehambisana nawo okungashayisana nokuqokwa kwabo; (b) edalula ukuhlomula kwabo ngokwezezimali nokubandaknyeka ekuthuthukisweni komhlaba okwenziwa amalungu emindeni yabo nabasondelene nabo kuMasipala; (c) edalula noma yikuphi ukugwetshwa ngecala elikuSheduli 1 loMthetho weNqubo yokuQulwa kwamaCala obuGebengu, 1977 (uMthetho 51 ka 1977). (2) Uma isimo somuntu siguquka, kumele, ezinsukwini eziyi-10 isimi sakhe siguqukile, alethe incwadi edalula lolo guquko kuMphathi kaMasipala. (3) UMphathi kaMasipala kumele agcine irejista lokudalulwa kokuhlomula noma kokubandakanyeka. (4) Uma umuntu esesikhundleni sokuba yilungu lesiGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela sikaMasipala kanye nelesiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo sikaMasipala lokho kuthathwa njengongukushayisana kwezikhundla. Ukuvikelwa kwesiGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela sikaMasipala, kwesiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo kanye nabasebenzi bazo 109.(1) siGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela sikaMasipala noma isiGungu sokuDluliselwa kweziKhalo sikaMasipala kanye nabasebenzi abazisizayo angeke babekwa cala mayelana nabakwenze ngokwethembeka ngokuhambisana nalo Mthetho kaMasipala. Isiqinisekiso sokuvikelwa ngokomthetho 110.(1) Uma kunezinyathelo zomthetho ezithathelwe ilungu lesiGungu esiBhekele ukuKhishwa kweziMvume zezokuHlela sikaMasipala noma lesiGungu sokuDluliselwa kweziKha...