Okunye Okumele Ukwamukele kanye Neziqinisekiso Izibonelo Zemigomo

Okunye Okumele Ukwamukele kanye Neziqinisekiso. Bonke abenzi bezicelo ezibe yimpumelelo bazohlinzekwa ngeKhwotheshini ngokulayela koMthetho, futhi ngaleso sikhathi uzokwaziswa yonke imininingwane ephathelene nezimali kufaka phakathi intela yemali mboleko kanye nezinye izindleko eziqondene nesicelo sakho.Uma noma nini uboleka enye imali, okuzokwenza kuguquke Isivumelwano, sizokunikeza enye Ikhwotheshini ekhombisa leso samba semali oyibolekayo eyengeziwe kanye nanoma iluphi olunye uguquko okungenzeka lube khona ngenxa yalokhu kwisamba semali ebolekiwe, isikhathi esinqunyiwe sokukhokhwa kwemali ebolekiwe, inzalo yemali mboleko, noma izindleko zoHlelo Lomshwalense Wokuvikela Isikweletini (uma lukhona)