imvume ngendawo esingathatha kuyo izinyathelo zomthetho. NgokoMthetho olawula iziNkantolo zeMantshi 32 owashaywa ngo-1944 (“iMCA”) uyavuma ukuthi singakuthathela izinyathelo zomthetho ezihambisana nalesi sivumelwano noma i-akhawunti yakho eNkantolo yeMantshi, okungaba noma iyiphi iNkantolo yeMantshi, okuwukuthi ngokwesigaba 28 seMCA inegunyalokusebenza kuleyo ndawo. Nokho-ke singakhetha ukukuthathela izinyathelo kunanoma ngabe iyiphi enye inkantolo enegunya.