WEMUKELWA ENGQUNGQUTHELENI YAKWAZULU NATAL AGRICULTURAL UNION
UMTHETHOSISEKELO XXXXXXXXXX XXXXXXXX XXXXXXXXX-XXXXXX
WEMUKELWA ENGQUNGQUTHELENI YAKWAZULU NATAL AGRICULTURAL UNION
XXXXX XXXXXXX XXXXXXXXX 24 APRIL 1997 XXXXXXX XXXXXXXXX XXXXXXXXXXXXXXXX XXXXXXX XXXXX XXXXXXX XXXXXXXXX 19 NOVEMBA 1998, 21 SEPTEMBA 2000, 19 SEPTEMBA 2002
18 SEPTEMBA 2003, 9 SEPTEMBA 2004 KANYE 15 SEPTEMBA 2011.
UMGOMO
Isu le Kwanalu libekela ubuholi kuzo zonke iziphumo zolimo kubo bonke abalimi abakhulu nabancane nazo zonke izinhlangano ezisebenza ngezolimo eziKwaZulu Natali. Lokhu kozofezeka ngokuthuthukisa amakhono abesezingeni eliphezulu, ukulekelela nokululeka. I- Kwananlu izoqoqa ihumushe lonke ulwazi oluthintana nalokhu ithuthukise izinga lokuxhumana kwawo wonke amalunga.
UMTHETHOSISEKELO XXXXXXXXXX XXXXXXXX XXXXXXXXX- XXXXXX
1. IGAMA
Igama leNyunyana kuzoba yiNyunyana yezoLimo yakwaZulu-Natali (KwaZulu-Natal Agricultural Union), ngemuva kwalapha ezobizwa ngokuthi "yiNyunyana". Igama elifushane leNyunyana kuzokuba yi- "KWANALU"
2. ISIMO NGOKOMTHETHO
2.1 INyunyana ingubunye obugqamile nobehlukile obusemthethweni nenhlangano ebumbene, enegunya lokuthola, ibambe futhi yehlukanise impahla yanoma yiluphi uhlobo futhi enamandla okuthola amalungelo nezibopho futhi enokungena ezikhundleni okungapheli futhi izoqhubeka ibe njalo.
2.2 Wonke amacala okumangalela, ukumangala emthethweni noma nangabe yikuphi ukulamula okuzofakwa yiNyunyana noma okuzofakelwa iNyunyana egameni leNyunyana nebhodi linganikeza imvume kunoma yimuphi umuntu noma abantu ukuthi bamele iNyunyana basayine xxxxx imibhalo nokuthi bathathe zonke izinyathelo ezingadingeka mayelana nokumangala lokho.
2.3 Nokho noma yikuphi okuphambene nokuqukethwe lapha:
2.3.1 INyunyana ayakhiwe futhi ayenzelwanga inhloso yokuqhuba noma yimuphi umsebenzi onhloso yawo kungutholela inzuzo iNyunyana noma amalungu xxx xxxxxxxx.
2.3.2 imali etholakalayo nezimpahla zeNyunyana zizosetshenziselwa kuphela ukutshala imali nokugqugquzela izinto esungulelwe zona;
2.3.3 akunangxenye yemali etholakalayo yeNyunyana ezokhokhelwa bukhoma noma nganhlanye ngendlela xxxxxxxx xxxxxxx, umnikelo noma ngenye indlela noma yimuphi umuntu;
2.3.4 iNyunyana ayizukuvunyelwa ukuqhubeka nanoma yikuphi ukuhweba noma eminye imisebenzi yokwenza inzuzo noma ukuhlanganyela kunoma yiliphi ibhizinisi, umsebenzi wobungcweti noma umsebenzi owenziwa yinoma yiliphi ilungu xxxx xxxx inikeze noma yimaphi amalungu ayo usizo lwezimali noma ngabe yiziphi izindawo noma ukusebenza okuqhubekayo noma okokusiza ukwenzela ukuqhutshwa kwanoma yiliphi ibhizinisi, umsebenzi wobungcweti noma umsebenzi.
3. INDAWO
Indawo yeNyunyana kuyokuba yisifunda saKwaZulu-Natali kuhlanganiswa nalezo zindawo okuyokuthi ngokuvumelana zixhunywe kwiNyunyana.
4. AMAHHOVISI
4.1 Ihhovisi elikhulu leNyunyana lizoba kwi phrovinsi yaKwaZulu Natali
4.2 INyunyana iyosungula elinye ihhovisi noma amanye amahhovisi njengokunquma kwebhodi izikhathi ngezikhathi.
5. ULIMI
Ekuqhubeni imisebenzi yeNyunyana izilimi zesiNgisi, isiBhunu nesiZulu zizothola isimo esilinganayo.
6. UKUXHUNYWA
INyunyana ingaxhunywa kulezo zinhlangano ezimela abalimi zikazwelonke njengoba ibhodi labaphathi lingahle linqume izikhathi ngezikhathi.
7. IZINHLOSO NEZIMPOKOPHELO
Izinhloso nezimpokophelo zeNyunyana kuyoba:
7.1 ukuhlela ngaphakathi kwendawo yazo zonke izinhlangano zabalimi ezimeleyo nezinto ezivunana xxxx xxxx yiNyunyana eyodwa efaka konke;
7.2 ukugqugquzela ubumbano lokuhlosiwe phakathi kwamalungu ayo;
7.3 ukugqugquzela nokuvikela okuqondene namalungu ayo.
7.4 ukuthola imithetho nemigomo ethinta abalimi
7.5 ukungena, ukuxhumana, noma ukwenza noma yisiphi isivumelwano sokusebenza noma uhlelo nangabe iyiphi inhlangano enezinhloso nezimpokophelo ezifana ngokuphelele noma ngengxenye nezinhloso nezimpokophelo zeNyunyana;
7.6 ukugqugquzela nokuvikela ukuhlanganyela nokuxhasa umqondo wokubambisana xxxxx xxxxxxx, phakathi komphakathi wezolimo nowabalimi;
7.7 xxxxxxx, lapho kudingeka, imibono ehlanganisiwe yohwebo kuHulumeni noma ezinye iziphathimandla nokubonisana nazo ngazo zonke izinto ezithinta inhlalakahle yohwebo lwezolimo, ngenhloso yokuxazulula izinkinga ezikhona nokwenza ukuthi kufakwe imithetho edingekayo;
7.8 ukwenza izeluleko noma iziphakamiso nganoma yiluphi udaba oluthathwa njengolubalulekile kumalungu ayo;
7.9 ukwazisa amalungu ayo mayelana nezinto ezithinta okwawo okuthile nokubanzi;
7.10 xxxxxxx xxxxx xxxxxxxxxx izikhathi ngezikhathi ukufinyelela inhloso yeNyunyana;
7.11 ukwenza izakhiwo ukubhekana nokumiswa kabi okusemthethweni kwamalungu abalimi abancane abe emiswe kabi ngaphambilini ukuze ahlanganyele ezakhiweni zokumela nezenza imigomo ngendlela elinganayo nenomqondo;
7.12 ukugqugquzela ukuhlangana ngokuphelele kwabo bonke abamele ukwakheka kwabalimi.
7.13 ukugqugquzela ulimo nobulimi njengendlela ebalulekile yokuthuthukiswa kwamaphandle xxxxx xxxxxxxxxxx xxxxxxxxxxxxxxx.
8. AMAGUNYA
INyunyana, iyinhlangano ebumbene eyokuba negunya egameni layo:
8.1 ukuthola ngokuthenga, ukuqashisa, ukushintshelana, imvumelo noma ngenye indlela, xxxxxxx, xxxxxxxx, xxxxx/xxxx xxxxxxxxxxxx xxxxxxxxxxx, xxxxx xxxxxx xxxxxx impahla ekwazi ukususwa noma engesuswe, noma ngabe yikuphi engakuthanda lapho phakathi;
8.2 ukuphatha, ukuthengisa, ukwenza ngcono, ukuthuthukisa, ukushintshelana, ukuqashisa, ukubambisa isikweletu ngempahla, ukulahla, ukuguqulela ekusizakaleni, ukwehlukanisa, noma ukusebenza ngenye indlela ngayo xxxxx xxxx ingxenye yempahla, ekwazi ukususwa noma engesuswe, namalungelo noma impahla yeNyunyana, inqobo nje uma impahla, izimali noma inzuzo yeNyunyana nganoma yisiphi isikhathi zabiwe phakathi kwamalungu, ngaphandle kokulandela iziphakamiso zokuhlakazwa okuqukethwe ngemuva kwalokhu.
8.3 ukweboleka noma iqoqe imali ngenhloso yeNyunyana ngaphansi kwesibambiso sayo xxxxx xxxx ingxenye yempahla yayo nalapho kufanele khona, ukwedlulisa isibambiso noma izibambiso ngempahla engeyeNyunyana ukufinyelela izinto lezo;
8.4 ukutshalela inzuzo kwanoma iyiphi imali yeNyunyana noma eyanoma yiziphi izinhlangano ezixhunywe kuyo noma eyamalunga ayo ekuyothi ngezikhathi ngezikhathi ibekwe ngaphansi kwempatho yeNyunyana ukuze itshalelwe inzuzo noma ibekelwe noma ngabe iyiphi inhloso, nokuthola, ukwehlukanisa, ukuphinda itshalele inzuzo noma isebenze ngenye indlela ngalokho kutshalela inzuzo okungahle kunqunywe yibhodi leNyunyana;
8.5 ukuvula ama-akhawundi okufaka nawokonga imali, ukudonsa, ukwenza, ukwemukela, ukuvumela, ukunikeza isaphulelo emalini, ukwenza kusebenze, ukukhipha nokuxoxisana ngezincwadi okulotshwe kuzo isethembiso sokukhokha imali ethile ngesikhathi esithile, imali yamaphepha, amasheke nezinye izikhali ekungaboniswana ngazo noma ezingedluliselwa izinhloso zeNyunyana;
8.6 ukusebenzisa, ukumiswa emsebenzini, ukuxoshwa noma ukuphinda ifake noma yiziphi izisebenzi ezikhokhelwayo zeNyunyana nokuchaza imisebenzi yazo.
8.7 ukunikeza usizo lwemali enqunyiwe kumongameli namaphini kamongameli xxxxx xxxxxx xxxxxxx xxxxxxxx xxxxxx njengoba kungathathwa njengokulingene ukubasiza ekwenzeni imisebenzi yabo eNyunyaneni;
8.8 ukuvimbela ecaleni umongameli, amaphini kamongameli, ibhodi, noma yiliphi ikomidi, xxxxx noma yiliphi ilunga lebhodi, umcwaningi wama-akhawunti, umqondisi, noma yibaphi abaqashwe yiNyunyani izinyathelo, izindleko nokwenzakaliswa abangakuthola noma kubavelele ngenxa yesizathu sanoma yisiphi isenzo esenziwe noma eseqiwe ekwenzeni imisebenzi yabo, ngaphandle kwalokho abangakuthola ngobudedengu bangamabomu kwabo noma ngephutha langabomu.
8.9 xxxxxxxx xxxxxxxx xxxxxx xxxxx /noma iminikelo xxxxxx xxxxxxx xxxxxx;
8.10 ukuphakamisa, babeke noma bakhethe noma yimuphi umuntu noma abantu ukuba bamele iNyunyana kunoma yiliphi ikomidi, ikhomishani noma ibhodi noma enye inhlangano yezomthetho;
8.11 ukubeka noma yimuphi umuntu ukuthi asebenze njengommeli, umbambeli noma umenzeli weNyunyana.
8.12 ukusebenza njengonobhala, izimenenja noma abenzeli banoma iyiphi inhlangano enezinhloso noma izimpokophelo ezifana nalezo zeNyunyana (yize ixhunywe noma ingaxhunywanga kuNyunyana) nokunikeza noma yenzele amalungiselelo anoma yiluphi usizo amalungu ayo noma ngabe iyiphi inhlangano leyo.
8.13 ukufaka noma ivike icala lokumangala ngezimiso ibhodi elingabona zifanele, futhi yethule noma yimuphi umbango ekulanyulweni ibeke ikhokhele abomthetho abangahle badingeke;
8.14 ukungena, inikeze futhi isayine, yenze zonke izivumelwano lezo, izivumelwano, igunya lokwenza, ukubambela, incwadi yesibopho yomthetho nezinye izikhali ezingadingeka noma zibe ngezilusizo kwiNyunyana.
8.15 benze konke lokhu kangangoba kubonakala isidingo.
9. UBULUNGU
9.1 Nyunyana izoqukatha
9.1.1 Inhlangano zabalimi, nenhlangano yezolimo xxxxx xxxxxxxxxxx yomninizwe enamalungu isibalo sawo esincane singabi ngaphansi kweshumi (singawabali amalunga akhokhela ubulungu bawo ngezinye izinhlangano) bangafaka isicelo sokuba bajoyine inhlangano ngokucela; uma
9.1.1.1 ibhodi ngokuxwaya okuphelele kodwa okungabuye kuhlolwe minyaka xxxxx, ingavumela ukungeniswa kwezinye izinhlangano zabalimi noma izinhlangano zolimo lapho ngezimo ezithile isibalo esincane samalunga enhlangano esinqunyiwe singagcinwanga.
9.1.1.2 amalunga ezinhlangano zabalimi ezifana nalezi amukelekile kwiNyunyana.
9.1.1.3 lezi zihlangano okukhulunywa ngazo kufanelwe zimelwe ezingeni lesifunda somkhandlu wezolimo njengesinqumo esithathwe umnyango wezamasiko nohulumeni bendawo (COGTA).
Bonke abantu abamukelwe kwiNyunyana ngaphansi kwaloluhlelo azokwaziwa nge “nhlangano yabalimi bendawo okumele bamukelwe kwiNyunyana”
9.1.2 Ezinye izinhlangano zezolimo, amabhizinisi noma izikhungo ezinempokophelo zivumelana nalezo zeNyunyana.
9.2 Zonke izicelo zokwamukeleka kumele zithunyelwe kumqondisi ozobe esezidlulisela kwibhodi yeNyunyana, okungenzeka izamukele noma ingazamukeli ngaphandle kokukhipha isizathu futhi isinqumo sayo esekugcina ngakho singephikiswe.
9.3 Ibhodi ngokuxwaya kwayo okuphelele ingasho noma inhlangano eyenza isicelo sokwamukelwa loku ikwenza ngokubhekelela abalimi.
9.4 Ibhodi ngokusebenzisa isinqumo esivunywe ngokubili kokuthathu kumalungu alo akhona lingalengisa noma lichithe ukuxhunywa kwanoma iyiphi inhlangano
9.4.1 eyehluleke ukukhokha izimfanelo ngokwezigaba 18.1 noma 18.4, noma
9.4.2 ekhawula ukugcwalisa noma ukulandela imigomo eyaxhunywa ngayo, noma
9.4.3 eyehluleka ukulandela umthethosisekelo nemithetho yeNyunyana.
9.5 Noma iyiphi inhlangano esihoxa ukuba yilungu leNyunyana, ngentando yayo noma ngesinqumo sebhodi, ayizukuba nalungelo noma imvume emalini kanye/ noma empahleni yeNyunyana kodwa ziyobizwa izimali zokukhokhela ubulungu ngokuhumushwa 18.6.
9.6 Inhlangano exhunywe kuNyunyana noma amalungu ngawodwa enhlangano leyo kuyothi ngokuxhunywa lokho ingatholi ukubizwa izikweletu kwiNyunyana ngaphandle kwenkokhelo yobulungu enqunywe ngokwale mithetho futhi leyo nhlangano noma amalungu ayo ngawodwa ayinakuthola ukubizwa isikweletu sanoma yiluphi uhlobo mayelana nesikweletu nokusebenza kweNyunyana.
9.7 Izimali nempahla zanoma iyiphi inhlangano exhunyiwe noma zanoma yimaphi amalungu ayo azizukwenza ngxenye yezimali nempahla zeNyunyana noma zibe nganoma iyiphi indlela zibe ngaphansi kwempatho yeNyunyana ngaphandle kwalapho izimali lezo izikhathi ngezikhathi zingabekwa ngaphansi kwempatho yeNyunyana nokufinyelela kuphela ebangeni lapho izimali zibekwe kanjalo, inqobo nje ngasikhathi sonke ukuthi uma kwenzeka kuhlakazwa iNyunyana noma yiziphi izimali ezibekwe kanjalo ziyobekelwa ukweneliseka ngokushesha kwezikweletu nokubizwa kwezikweletu.
9.8 Ukuxhunywa kweNyunyana kuyokwencika ekwenelisweni kwebhodi labaphathi ukuthi izinhloso zeNyunyana zilandelwa ngokugcwele.
10. IZIPHATHI MANDLA
Abaphathizikhundla beNyunyana kuyokuba ngumongameli xxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxxxxx xxxxxxx, xxxxxxxxx xxxxxxxxxx bephethe izikhundla. Oyedwa walaba abathathu kuyokuba umuntu obenganikezwanga amathuba ngaphambilini ngenxa yokucwaswa ngokwebala noma ubandlululo.
Zonke iziphathi mandla kumele zigcine inqubo mthetho, enqunywa isikhathi nesikhathi, kodwa kuze kufike lesosikhathi esiyonqunywa yibhodi kumele baqhube ngenqubo ebhalwe phansi ku Act 71 of 2008 (xxxxxx xxxxxxxxxxxx), okumele isayinelwe ukukhombisa ukuthi iyamukwelwa.
11. I-CONGRESS
11.1 Ingqungquthela iyokuba xxxxxxx xxxxxxxx xxxxx xxXxxxxxxx.
Ibhodi namakomidi wonke alo xxxxx xxxxxxxxxx xxxxxxxx, noma yimaphi amandla abekwe kuwona ngaphansi kwalo mthethosisekelo noma amanye amandla anjena noma angaphezulu ekungenzeka abekwe kuwona esikhathini esizayo, kuyobanjwa kuboshwe ukwenza xxxxx imiyalelo, ukukhomba, imikhawulo nemithetho ekuyothi isikhathi nesikhathi ikhishwe xxxx xxxxxx yingqungquthela.
11.2 Ukubanjwa kweNgqungquthela
11.2.1 Umongameli noma isiphathimandla esisebenza njengaye, uyobiza umhlangano oyobanjwa esikhungweni esiyonqunywa yibhodi.
11.2.2 Umhlangano waminyaka xxxxx uyobizwa esikhathini sezinyanga ezintathu sokuphela konyaka wezimali weNyunyana futhi leyo naleyo nhlangano exhunyiwe iyonikezwa okungenani izinsuku eziwu-90 zesaziso sosuku nendawo yomhlangano wonyaka. Uhlelo lomhlangano wonyaka luyokwedluliswa ngumqondisi kulelo nalelo nxusa nakuleyo naleyo nhlangano exhunyiwe okungenani izinsuku ezingamashumi amathathu ngaphambi kokuqala kwengqungquthela. Isaziso siyonikezwa ngokubhalwa sithunyelwe ngeposi elejwayelekile futhi siyothathwa njengesinikeziwe ngosuku lokuposwa.
11.2.3 Umongameli, noma lapho engekho, omunye wamaphini kamongameli, uyohlala esihlalweni kuyo xxxxx imihlangano yengqungquthela; kodwa xxx xxxxx bobathathu bengekho, ingqungquthela iyokhetha emalungwini ebhodi akhona, umgcinisihlalo oyosebenza lokho kokuqhubekayo abekwe kukho, inqobo uma ezosuka esihlalweni uma kwenzeka umongameli noma amaphini kamongameli etholakala ngaphambi kwesiphetho somhlangano lowo.
11.2.4 Isibalo sabantu abalingene ukuxoxa indaba bengqungquthela siyokuba yinani elisondele kakhulu kepha elingaphezu kokukodwa kokuyisithupha kwenani eliphelele lamanxusa abaxhunyiwe abakhona ngesikhathi kubizwa umhlangano abalivunyelwe.
11.2.5 Wonke amanxusa eze engqungqutheleni ayoqinisa izincwadi eziwachazayo njengoba kubekwa yibhodi izikhathi ngezikhathi.
Umqondisi weNyunyana, lapho eseqinisekisile ngezincwadi ezichaza ngamanxusa akhona, uyokwazisa umgcinisihlalo ukuthi imigomo yesibalo sabantu abalingene ukuxoxa indaba igcwalisiwe yini. Uma ingagcwalisiwe, ukuvulwa kuyohlehliswa ihora elilodwa,
kodwa uma ekugcineni kwalelo hora, imigomo yesibalo sabantu abalingene ukuxoxa indaba ingekagcwaliswa, amanxusa akhona ayokwenza isibalo sabantu abalingene ukuxoxa indaba inqobo nje ukuthi ingqungquthela leyo ingathathi zinqumo mayelana nezinguquko zomthethosisekelo noma ukuhlakazwa, kodwa ingaqedela noma yiluphi olunye udaba olusohlelweni.
11.2.6 Ngaphandle kwalapho kulungiselelwe ngenye indlela khona, zonke iziphakamiso egqungqutheleni ziyonqunywa yivoti leningi lalabo abakhona nabavunyelwe ukuvota. Ukuvota kuyoba ngokukhonjiswa kwezandla, kodwa noma yimaphi amanxusa angamashumi amabili akhona navunyelwe ukuvota, ngaphambi kokuthi isiphakanyiso sivotelwe ngokukhonjiswa kwezandla, angacela ukuvota ngokubhala phansi, okuyothi ngalokho kuvotwe ngokubhala phansi nangokuyimfihlo. Uma kwenzeka kucelwa ukuvota ngokubhala phansi, kuyokwenziwa ngendlela umgcinisihlalo ayokhombisa ngayo. Esimweni sokulingana kwamavoti, kungaba ngokukhonjiswa kwezandla noma ekuvoteni ngokubhala phansi umgcinisihlalo uyovunyelwa ukuvota ngaphezu kwanoma yiliphi ivoti angahle avunyelwe xxxx njengenxusa, nangahle abe ulisebenzisile.
11.2.7 Ibhodi liyokuba negunya lokumema izivakashi ukuza kunoma yimuphi umhlangano webhodi nengqungquthela. Izivakashi lezo azizukuba navoti futhi ziyokhuluma kuphela ngesicelo sikamgcinisihlalo.
11.2.8 Akunanhlangano exhunyiwe ezimali zayo zobulungu zisalele ngemuva, noma ezehlulekile ukukhokhela noma yisiphi esinye isikweletu esikweletwa iNyunyana ngesikhathi okubanjwe ngaso ingqungquthela, ezovunyelwa ukumelwa engqungqutheleni, futhi noma yisiphi isiphakamiso esifakwe yiyona kuphela asizukudingidwa engqungqutheleni.
11.2.9 Ibhodi liyokwenza ukuthi zonke izinqumo ezithathwe yingqungquthela ziqoshwe ngokunembayo futhi liyonquma izinyathelo ezizothathwa mayelana naleso naleso sinqumo.
Izimpendulo ngezinqumo ezifikile ziyokwedluliselwa ezinhlanganweni ezithintekayo ezixhunyiwe.
11.3 Ukumelwa engqungqutheleni
Ingqungquthela yeNyunyana iyoba ukuhlangana kwamanxusa aqhamuka kwabaxhunywe kwiNyunyana. Izinhlangano ezixhunyiwe
ziyovunyelwa ukumelwa eNgqungqutheleni ngamanxusa njengalokhu okulandelayo:
11.3.1 Izinhlangano Zabalimi Basekhaya
Inhlangano yabalimi ngayinye inelungelo lokukhetha isithunywa esisodwa esizobamela kwiNgqungquthela.
11.3.2 Izinhlangano Ezixhunyiwe
Inani lamalungu enhlangano exhunyiwe kumele ingeqi kwamabili.
11.4 Amanxusa eNgqungqutheleni
Amagama namakheli awo wonke amanxusa (angafaka ababambeli) ayolethwa yileyo naleyo nhlangano exhunyiwe kumqondisi weNyunyana okungenani izinsuku ezingamashumi amathathu ngaphambi kosuku olubekiwe lokuvulwa kwengqungquthela yaminyaka xxxxx, xxx kodwa-ke ukulethwa ngemuva kwesikhathi kwegama nekheli kwenxusa yinhlangano exhunyiwe ngemuva kosuku lolu (kepha noma kanjani ngemuva kwezinsuku eziyishumi nane ngaphambi kwalolu suku) ngezizathu ezikhethekile, kuvunyelwa ngumongameli, noma lapho engekho ngomunye wamaphini kamongameli.
11.5 Izinqumo eziqonde eNgqungqutheleni
11.5.1 Izinqumo eziphakanyiselwe ingqungquthela yaminyaka xxxxx zingalethwa yinoma iyiphi inhlangano exhunyiwe, ibhodi noma ngabe yiliphi lamakomidi alo noma amakomidi amancane, okumele zifinyelele kumqondisi weNyunyana esikhathini esingaphezu kwamasonto ayisithupha ngaphambi kosuku lwengqungquthela.
11.5.2 Ibhodi liyobheka zonke iziphakamiso ezibekiwe futhi liyoba nelungelo lokunquma ukuthi ziyovela ngasimo siphi ohlelweni olumenyezelwe futhi lingacela inhlangano efaka isinqumo esiphakanyiswayo ukuthi ichaze noma icacise isinqumo leso. Isinqumo esiphakanyiswayo esingafakwanga ohlelweni siyobhekwa sidingidwe yibhodi.
11.5.3 Uma ngemuva kokumenyezelwa kohlelo lwengqungquthela yaminyaka xxxxx, inhlangano exhunyiwe iba nesifiso sokuphakamisa isinqumo esingakaze silethwe ebhodini ngaphambili, futhi esingakwazi ukuthi singadingidwa ngaphansi kwanoma yisiphi esimenyezelwe ohlelweni, isinqumo leso
singalethwa ngokubhalwa kumongameli noma uma engekho, emaphinini kamongameli, ngokwedlula kumqondisi weNyunyana, okungenani amahora angamashumi amane nesishiyagalolunye ngaphambi kwesikhathi esibekelwe ukuvulwa kwengqungquthela, nomongameli noma amaphini kamongameli bayonquma ukuthi isinqumo singesibaluleke ngendlela yokuthi singasebenza kuleyo ngqungquthela yini, futhi isinqumo xxxx siyoba ngesingumnqamula juqu.
12. UKUBANJWA KWENGQUNGQUTHELA EKHETHEKILE
12.1 Ingqungquthela ekhethekile ingabizwa ngumongameli noma lapho engekho, ngamaphini kamongameli, ngokukhipha isaziso esibhaliwe saleyo ngqungquthela ekhethekile esikhathini esingengaphansi kwezinsuku ezingu-14. Xxxxxxx sizohanjiswa njengesaziso sengqungquthela yaminyaka xxxxx.
12.2 Ingqungquthela ekhethekile iyobizwa ngumongameli, noma lapho engekho, ngamaphini kamongameli, ekutholeni incwadi esemthethweni yokucela ebhaliwe esayinwe okungenani ngeyodwa kwabayisihlanu sezinhlangano ezixhunye kwiNyunyana; incwadi esemthethweni yokucela iyobeka ngokucacile isizathu sokubamba ingqungquthela leyo nomsebenzi ozokwenziwa yiyona. Xxxxxxx esibhaliwe esikhathini esingengaphansi kwezinsuku eziwu-21 siyonikezwa, sihanjiswe njengoba kwenziwa ingqungquthela yaminyaka xxxxx.
12.3 Uma kwenzeka umongameli noma iphini likamongameli esikhathini esiyizinsuku eziwu-21 zokulethwa kwencwadi yokufuna xxxx xxxx badembesele ukubiza ingqungquthela ekhethekile lapho becelwe ngokufanele, labo bantu abacelayo bona luqobo ngokwedlula kumqondisi weNyunyana bangabiza umhlangano benikeza isaziso sezinsuku eziwu-21, sihanjiswe njengesengqungquthela xxxxxxxxx xxxxx, xxxxx xxxxxxxxx, indawo xxxxx xxxxxx oluzodingidwa kuleyo ngqungquthela ekhethekile.
12.4 Akunadaba oluzodingidwa engqungqutheleni ekhethekile ngaphandle kwalokho okuphawulwe yisaziso saleyo ngqungquthela ekhethekile.
12.5 Engqungqutheleni ekhethekile amanxusa azomela inhlangano exhunyiwe ayofana nalawo amagama awo ethulwe kumqondisi ngaphansi kwamalungiselelo esigaba 11.4 ngalokhu ngengqungquthela yangaleso sikhathi yokugcina yangaphambili kepha kweqiwa amalungiselelo aphathelene nokufakwa ngemuva
kwesikhathi, uma kodwa-ke inhlangano exhunyiwe izovunyelwa ukuguqula amagama amanxusa ayo ngesaziso kumqondisi okungenani izinsuku eziyisikhombisa ngaphambi kosuku lwengqungquthela leyo ekhethekile.
13. I-QOQO LABAPHATHI
13.1 Umsebenzi weNyunyana kusuka ekuphethweni kwengqungquthela yaminyaka xxxxx eyodwa kuye ekuphethweni kwengqungquthela yaminyaka xxxxx elandelayo uyokwenziwa yibhodi labaphathi elizokhethwa engqungqutheleni yaminyaka xxxxx njengoba kuphawuliwe ngemuva kwalapha.
13.2 Umongameli, noma lapho engekho, omunye wamaphini kamongameli, uyohlala esihlalweni kuyo xxxxx imihlangano yebhodi neyekomidi eliphethe bese kuthi lapho bengekho bobabili umongameli namaphini kamongameli, ibhodi noma ikomidi eliphethe (njengoba kuyodingeka) liyobeka kulabo abakhona, umuntu ozosebenza njengomgcinisihlalo isikhathi sonke somhlangano abekwe kuwona, inqobo nje uma ezosuka esihlalweni uma kwenzeka umongameli noma amaphini kamongameli etholakala ngaphambi kokuphetha kwalowo mhlangano.
13.3 Ukwakheka kweBhodi labaPhathi
13.3.1 I-Qoqo labaPhathi lakhiwe nguMongameli xxxxx xxxxxxxxxx akhe amabili akhethwe ngokwe sigaba 14.1 esibhalwe ngezansi
13.3.2 Abakhulumeli ababili, oyedwa abe owabalimi abakhulu omunye abe owabalimi abancane, kumele inhlangano abazoyimela yaziwe ngegama omncele wayo uzodingidwa zikhathi zonke.
13.3.3 Abanye abameli bangadluli kwabayisihlanu abanyulwe yibhodi.
13.3.4 Ummeli ophakanyiswe yinhlangano yeziNhlanagno zabesiFazane (Federation of Women's Institutes).
13.3.5 Abanye abameli abangadlulile kwabayishumi bazo zonke ezinye izinhlangano ezixhunyiwe okumele bathobele imithetho ebekwe yibhodi ngalesosikhathi
13.4 Ukumelwa kwiBhodi yabaPhathi
13.4.1 Uma kwenzeka amagama angaphansi kwayisihlanu enhlangano eyodwa elethwa phambili lezi ezinye izikhala ezingagcwalisiwe
zizohlala zivikelekile bese zidingidwa kumhlangano webhodi kodwa ongeke ubanjwe ngemuva nje kwe-Ngqungquthela.
13.4.2 Amalunga ebhodi asethatha umhlala phansi amele inhlangano enjengalena okukhulunywa ngayo ngenhla angakhethwa.
13.4.3 Uma kuvuleka isikhala kwi-bhodi ungakapheli unyaka kungakhethwa ilungu lenhlangano yabalimi besifunda ozobamba kulesosikhala kuze kuphele iNgqungquthela elandelayo. Kulesosimo sesikhala esivuleka maqondana nenhlangano enelungelo lokukhetha elinye ilungu, ibhodi lizothola futhi lizokwamukela ukukhethwa kwalelolungu, ozokhethwa uzobe xxxxx xxxxxxxx xxxxx.
13.4.4 Ibhodi linganquma njengesilahliwe isihlalo sanoma yiliphi ilungu lalo noma samakomidi alo elingekho kunoma yimiphi imihlangano elandelanayo ngaphandle kwencazelo eyanele noma elicelwe yiningi lokubili kokuthathu lebhodi ukuthi lishiye phansi isikhundla
13.4.5 Ilunga lebhodi lingakhetha ukubeka phansi izintambo noma ukuyeka noma inini ngokubhala incwadi liyidlulisele kumphathi.
13.4.6 Ngesikhathi xxxx sokuba sesikhundleni lelo nalelo lungu lebhodi kuleyo naleyo ngqungquthela liyokuba amalungelo anikezwa inxusa; kodwa ngaphandle kokuthi liyinxusa aliyukuba nevoti.
13.4.7 Umgcinisihlalo, engqungqutheleni yaminyaka xxxxx, uyokwazisa umhlangano amagama ebhodi.
13.4.8 Isikhathi sokuba sesikhundleni seziphathimandla namalungu ebhodi siyoqala ukusebenza kusukela ekuphetheni kwengqungquthela
13.4.9 Ibhodi labaphathi kuyomele limise liphinde ligcine umthetho wokuphatha. Kuyoze xxxx ilesosikhathi esabekwa, ibhodi kuzomele ligcine umgomo owabekwa yiNkampani Act 2008 (Act 71 of 2008).
13.5 Amalungelo okuvota
Ilungelo lokuvotela abaphathi ehhovisi kumele xxxx elawo wonke amalungu ebhodi afanelekile.
14. UKUKHETHWA KWABAPHATHI BEHHOVISI
14.1 Abaphathi behhovisi leNyunyana kumele xxxx umongameli namaphini akhe amabili, xxxxxxxxx xxxxxxxxxx. Oyedwa walaba
abathathu kuyokuba umuntu obenganikwezanga amathuba ngaphambilini.
14.2 Wonke amalungu eBhodi akhona navumelekile ukuba avote ngokomthetho okusigaba 13.5. ngenhla, ayakuhlangana bese ekhetha noma avote ngendlela yokusebenzisa amapheshana okuvota okuyimfihlo yomuntu nomuntu bevotela abaphathi behhovisi nalabo abangabaphathi behhovisi ngalesosikhathi bangavotelwa, umongameli kanye namasekela akhe angonyaka xxxxxxxxxx xxxxx xxxxxxxx xxx-Xxxxxxxxxxxxx.
14.3 Ukukhethwa kukamongameli kuyokwenziwa yiwo wonke amalungu ebhodi akhona navunyelwe ukuvota.
14.4 Ukukhethwa kwalawo nalawo maphini kamongameli amabili kuyokwenziwa ngeziphakamiso nokukhethwa okuqhamuka kulowo nalowo walabo nalabo abamele abalimi abancane nabakhulu ebhodini.
14.5 Uma kungenzeka ukuba omunye wabaphathi behhovisi akhethwe xxxx xxxxx isifunda esithize, kuyothi ngemva nje kokuthethwa bese sebeya yeka ukemela izifunda xxxx xxxxx nokuvota njengawo wonke amanye amalungu ebhodi. Isikhala esiyovela kuyoba esesikhashana esiyobe sesivalwa yibhodi njengokuba kuveziwe ngenzansi.
14.6 Ngemuva kwalokho emihlanganweni yebhodi neyabaphathi, bekomidi umongameli uyoba nevoti elehlukanisayo kuphela.
14.7 Uma ihhovisi lika mongameli kenzeka lingabinamuntu phakathi kokwelandelana kwamaNgqungquthela, ibhobi linga votela omunye wamasekela kamongameli ukuba abe ngumongameli. Uma kukhona isikhala esivulekile ehhovisi omunye wamasekela uyobe esesigcwaliswa yiQoqo labaPhathi ngokuba livotele omunye wamalungu alo ukuba athathe lesisikhundla ngokuka sigatshana
14.4 ngenhla.
15. AMAGUNYA NEMISEBENZI YEBHODI
15.1 Ngokwecika kumalungiselelo omthethosisekelo nemithetho yeNyunyana (ikakhulukazi umshwana 19.10) xxxxx xxxxxx yiziphi izinguquko zawo, ibhodi liyogunyazwa ngazo zonke izindaba nemisebenzi yeNyunyana futhi nangaphandle kwalapho kulungiselelwe ngempela kumthethosisekelo liyonquma isikhathi
nesikhathi ukuthi okubhalwe yiNyunyana noma okubhalelwe iNyunyana kuyosayinwa ngubani.
15.2 Ibhodi liyohlangana okungenani kabili ngalelo nalelo kwata lonyaka walo ehhovisi, ngokuyalelwa ngumongameli noma yinoma yimuphi umuntu osebenza endaweni yakhe ngokomthetho naye ongabiza umhlangano webhodi okhethekile nganoma yisiphi isikhathi. Imihlangano ephuthumayo ingabizwa esikhathini sesaziso esifushane, kepha isaziso sanoma yimuphi omunye umhlangano siyonikezwa amalungu ebhodi ngumqondisi okungenani izinsuku eziwu-21 ngaphambi kosuku olubekelwe umhlangano.
15.3 Ibhodi liyokuba negunya ngokubona kwalo lokubeka kumalungu alo amakomidi namakomidi amancane ukulisiza ekufinyeleleni noma yiziphi izinhloso zeNyunyana futhi lingenyulela kulawo makomidi namakomidi amancane abantu ngaphandle kwalabo abangamalungu alo lezo zikhathi nangendlela elibona ifanele.
15.3.1 Lelo nalelo komidi noma ikomidi elincane elibekwe kanjalo liyokuba nalawo magunya adluliselwe ngempela yibhodi futhi liyoqhubeka nezindaba zalo njengoba xxxxxxx xxxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxxxx. Ibhodi liyozibambela igunya lokubukeza noma yiziphi izinqumo ezithathwe yikomidi noma amakomidi amancane.
15.3.2 Kusalindwe ukubekwa yibhodi ngemuva kwengqungquthela yaminyaka xxxxx kwanoma yiliphi ikomidi noma ikomidi elincane abantu abenza ikomidi lelo noma ikomidi elincane masishane ngaphambi kwengqungquthela eyandulelayo bayothathwa (lapho kunesidingo) njengabasesezikhundleni njengamalungu ekomidi noma awekomidi elincane (njengoba kuyobe kunjani).
15.4 Umongameli namaphini kamongameli bavunyelwa ukuba khona bahlanganyele kunoma yimuphi umhlangano wekomidi noma ikomidi elincane leNyunyana.
15.5 Ibhodi liyokwethula umbiko engqungqutheleni yaminyaka xxxxx elandela leyo elikhethwe kuyona; lo mbiko uyoqukatha iqoqo lemisebenzi yeNyunyana ngonyaka owedlule wezimali, futhi uyozungeziswa kuzo zonke izinhlangano ezixhunyiwe xxxxx xxxxxxxxxxx engqungqutheleni.
16. IKOMIDI LABAPHATHI
16.1 Ikomidi labaphathi liyobunjwa ngumongameli, xxxxxxxx xxxxxxxxxxx xxxxx xxxxxxxxx xxxxx xxxxxx akhethwe yibhodi
ngokufaneleyo. Ababili kulabo ababalwe ngenhla kuyokuba abaphuma umuntu obenganikwezwanga amathuba ngaphambilini.
16.2 Ikomidi labaphathi kumele libe nelungelo lokwenyula amalungu engeziwe (angedluli kwamathathu) okuzomele xxx xxxxxxxxx yengcweti noma xxxxxx xxxxxxxxx ibhodi xxxxx xxXxxxxxxx xxxxx. Iqhaza lokwenyula kwelungu liphela kungekdala kwi ngqungquthela ngokuzikhethela. Lelolungu lingase liphinde lenyulwe futhi.
16.3 Ikomidi labaphathi liyohlangana kaningi njengoba kuyonquma umgcinisihlalo.
16.4 Ikomidi labaphathi liyophendula ebhodini futhi liyonikezwa namagunya xxxx xxxxx imisebenzi xxxx xxxxxx eliyoyedlulisela noma liyiphathise xxxx xxxxxxxxx xxxxxxxxxx.
16.5 Ikomidi labaphathi kuzomele ligcine imithetho sisekelo wokuziphatha owabekwa amalunga ebhodi. Kuze xxxx nje isikhathi esibekiwe, kuzomele bagcine imgomo eyabekwa inkampani ku Act 2008 (Act 17 ka 2008).
17. IZIFUNDA EZIKHAWULISIWE
17.1 Imikhandlu yesifunda yezolimo iyoqukatha amalungu ezinhlangano ezimele abalimi abakhulu nabancane.
17.2 Isifundazwe siyakumiswa yinani elilinganayo lezi thunywa ezivela koSosesheni babalimi abakhulu xxxxx xxxxxxxxxxx noma kumphakathi njengoba kubekiwe ku 17.2 ngenhla ngenhla amabili alamalungu ayodingeka ukuba angene kwiQoqo labaphathi benyunyana njengoba kubekiwe kusigatshana 13.3.2 ngenhla.
17.3. ukubiza umuhlangano okungena sekusele izinyanga ezintathu ngaphambi kwengqungquthela yenyunyana ukukhetha abazomela inyunyana kwibhodi nokuqhuba ezinye izinto ezithinta ingqungquthela yenyonyana.
18. IZIMALI ZOKUKHOKHELA UBULUNGU NEZOKUXHUNYWA
18.1 Inkokhelo yobulungu beNyunyana yenhlangano yendawo yabalimi iyonqunywa njalo ngonyaka amalungu ebhodi. Imali eyahlukanisayo ingasebenza kula maqembu amabili. Inkokhelo yobulungu ekhokhwa ngawo wonke amalungu avotayo ezinhlangano zabalimi iyokwedluliselwa kumqondisi, xxxxx xxxxx olugcwele lwamalungu avotayo ezinhlangano zabalimi.
18.2 Akunankokhelo yobulungu ezokhokhwa yilungu eliphiwe ubulungu lenhlangano elingenamandla okuvota enhlanganweni, noma yiliphi ilungu eliyilungu lize liyoshona xxxxx xxxxxx xxxxxxx xxxxxx eliphiwe ubulungu lize liyoshona leNyunyana.
18.3 Lapho ilungu lisebenzisa amalungelo alo ngokusebenzisa inhlangano eyodwa noma ngaphezulu njengoba kulungiselelwe kulo mthethosisekelo, liyofanela ukuthi likhokhe inkokhelo yobulungu eyodwa xxxxxxxx xxxx eyoba yinani elilingana nenkokhelo ephezulu kunazo zonke ezezinhlangano ezinhlobonhlobo eliyilungu kuzo nelisebenzisa ngazo ubulungu xxxx, xxx kodwa xxxx nenkokhelo eyenziwa yizinhlangano ezingaphezu kwaleyo eyodwa ukubuyiswa kwaleyo nkokhelo ekhokhwe ngokweqile ayizukufunwa kwiNyunyana ngemuva kokwedlula konyaka owodwa wezimali olandela lowo nyaka inkokhelo leyo eyenzelwe wona.
18.4 Izimali zokuxhunywa eziqhamuka ekuxhunyweni okungaphandle kwezinhlangano zendawo zabalimi ziyonqunywa yibhodi nebhodi liyoba negunya lokuphinda linqume, isikhathi nesikahthi izimali xxxx xxxx yiziphi ezinye zazo.
18.5 Izinhlangano ezifakwe ekuxhunyweni ngonyaka wezimali, kodwa ngemuva kokwedlula kwekwata lokuqala lawo, zingehliselwa inkokhelo yazo yalowo nyaka ngokubona kwebhodi.
18.6 Inhlangano exhunyiwe esinqume ukuthi ishiye phansi, kufanele inikeze umqondisi weNyunyana isaziso xxxxxxxxx xxxxxx xxxxx, xxxxx xxxxxxxxx ukukhokha izimali zenkokhelo yobulungu nezokuxhunywa ezifunekayo kuze xxxx sekugcineni konyaka wezimali okufakwe ngawo isaziso.
18.7 Yize kunamalungiselelo aqukethwe ku-18.3 ngenhla, ibhodi ngombono wokuqinisekisa ukuthi ukusetshenziswa kwamalungelo amalungu akoniwa, lingabukeza inkokhelo yobulungu yanoma yiliphi ilungu.
19. EZEZIMALI
19.1 Ukufinyelela izinhloso nemisebenzi yayo, noma yikuphi kwayo, iNyunyana iyosebenzisa izimali lezo eziyoqongeleka kuyo ngenkokhelo yobulungu, izimali zokusiza, iminikelo, inzuzo kokutshalelwe inzuzo xxxxx xxxxxx xxxxxxx xxxxxxxxx, xxxxx futhi nakunoma yiziphi izimali ezingahle isikhathi nesikhathi zibe sezandleni zayo (kungaba yisikhathi esilinganiselwe noma ngenye indlela) eziqhamuka kunoma yimuphi umthombo.
19.2 Ibhodi liyokwethula engqungqutheleni yaminyaka xxxxx isilinganiso semali etholakalayo nezindleko zonyaka lowo wezimali futhi liyokwenza iziphakamiso engqungqutheleni mayelana nendlela elisongoza ukuhlangabezana nezindleko ngayo ezimalini zokukhokhela ubulungu xxxxx xxxxxxxxxx imithombo yezimali ezitholwayo, uma ikhona.
Amakhophi alezi zilinganiso xxxxx xxxxxxxxxxxxx eziqondene kuyozungeziswa kuzo zonke izinhlangano ezixhunyiwe xxxxx xxxxxxxxxxx engqungqutheleni.
19.3 Ibhodi liyokwenza ukuthi kugcinwe xxx-xxxxxxxxx aliqiniso ezimali ezitholwa nezisetshenziswa yiNyunyana, xxxxxxx xxxxxxxxx ngayo ukutholakala xxxxx xxxxxxxxxx, xxxxx xxxxxxxxxxxx nezikweletu zeNyunyana. Ama-akhawundi lawo ayocwaningwa ngokufanele ngomcwaningi wama-akhawundi oyedwa noma ngaphezulu.
19.4 Ngemuva kokuphela konyaka wezimali weNyunyana, xxxxxx xxxxxx engenile xxxxx xxxxxxxxxx ezenzeke xxxxxxx xxxxx, xxxxx xxxxxxxxxxxxx esikhombisa okusele xx-xxxxxxxxx ekupheleni kwalowo nyaka kuyolungiswa, kucwaningwe, kwethulwe engqungqutheleni xxxxx xxxxxxxxxx ombiko womcwaningi wama- akhawundi xxxxx xxxxxxxxxx ombiko webhodi. Isitatimende esikhombisa okusele ku-akahwundi nombiko kuyosayinelwa ibhodi ngumqondisi nomongameli noma uma kungenjalo njengoba kuyobe kunikeze igunya ibhodi.
19.5 Izimali zeNyunyana ziyofakwa ebhange egameni leNyunyana nalelo xxxxxx eliyonqunywa yiNyunyana, futhi ziyosetshenziswa ngensayino kamongameli noma amaphini kamongameli, xxxxx xxxxxxxxx yokuqinisa ukusayina komqondisi, inqobo nje ukuthi uma kunesidingo, iziphathimandla ezisayina okwesikhashana zibekwa yibhodi.
19.6 Umcwaningi wama-akhawundi oyoba ngumbhali wama-akhawundi ofunde ngokufanele, noyobe engelona ilungu lokuxhunywe kuNyunyana uyobekwa yingqungquthela yaminyaka xxxxx.
19.7 Unyaka wezimali weNyunyana uyosuka osukwini lokuqala lukaJulayi kuye osukwini lwa-30 kuJuni olulandelayo, zozimbili izinsuku zihlanganisiwe, futhi zonke izimali zenkokhelo yobulungu nezokuxhunywa mayelana nanoma yimuphi unyaka owodwa wezezimali ziyofuneka ekuqaleni kwalowo nyaka futhi kuzodingeka zikhokhwe ngaphambi kosuku lwa-30 kuSeptemba kulowo nyaka.
19.8 Ibhodi liyophatha likhokhe zonke izindleko ezivele mayelana nehhovisi xxxxxxxx xxXxxxxxxx, xxxxx xxxx xxxxx izinto ezivama ukulandela ukulondolozwa kweNyunyana.
19.9 Ibhodi liyonikeza imali enqunyelwe ukuhamba nokudla umongameli namaphini kamongameli kanye namalungu ebhodi nabanye xxx xxxxx umsebenzi weNyunyana ngesilinganiso xxxxx xxxxxxxxx eziyonqunywa yibhodi xxxxxxxxx xxxxxxxxxxx.
19.10 Ekwenzeni imisebenzi yeNyunyana, ibhodi liyobopheka ukuthi lingavumeli ukuthi izindleko kunoma yimuphi unyaka wezimali zedlule imithombo nemali etholwayo ngaphandle kwemvume yengqunguqthela ekhethekile.
19.11 Ibhodi lingadala, lithole njengefa, liphathe noma nganoma iyiphi enye indlela, libhekane nanoma iyiphi inkampani eyenzelwe ukulungiselela izinhloso zeNyunyana.
20. UKUPHATHWA KWEMIHLANGANO
20.1 Umongameli, noma lapho engekho, omunye wamaphini kamongameli noma yimuphi umuntu obekwe yibhodi uyokwengamela kuyo xxxxx imihlangano ebanjwe ngaphansi kwekhwapha leNyunyana.
20.2 Ngomhlangano webhodi noma yiliphi ikomidi noma ikomidi elincane, isibalo sabantu abalingene ukuxoxa indaba siyoba yinani elisondele kakhulu kepha elikhulu kunohhafu owodwa wenani lamalungu xxxxx xxxxxx nhlangano.
20.3 Ngokubona komgcinisihlalo, noma yisiphi isiphakamiso esifakwa ngesikhathi somhlangano kuyoba ngesibhaliwe, nesisayinwe ngumphakamisi xxxxx xxxxxxxxxx.
20.4 Isimemezelo ngumgcinisihlalo wanoma yimuphi umhlangano somphumela wokuvota nganoma yisiphi isiphakamiso siyoba ngesinqamula juqu, nesiphakamiso siyoqoshwa njengesiphumelele noma esilahliwe njengoba kuyobe kunjalo.
20.5 Umhlangano ungabeka kumanxusa akhona amakomidi emisebenzi ekhethekile, namakomidi lawo ngemvume yomgcinisihlalo angasuka, axoxisane azobikela umhlangano.
21. IMISEBENZI YEZINHLANGANO EZIXHUNYIWE
21.1 Zonke izinhlangano ezixhunyiwe ziyobika ebhodini nganoma yiluphi udaba oludinga ukubhekisiswa mayelana nezinhloso zeNyunyana, uma izindawo zazo zithinteka, futhi ikakhulukazi uma udaba kungenzeka luthinte ezinye izindawo ezisendaweni yeNyunyana. Ukuthinta iNyunyana yinoma yiliphi ilungu lenhlangano exhunyiwe kuyokwenziwa ngaleyo nhlangano.
21.2 Ibhodi aliyukubopheka ukunikeza ukuxhaswa kuNyunyana nganoma yiluphi udaba leyo nhlangano exhunyiwe ethinte bukhoma ngalo uhulumeni, noma kungaba yikuphi okuphethe amandla okuhlanganiswe ngokusemthethweni, noma ngabe ibhodi lithole xxxx xxx kuqhamuka kuleyo nhlangano exhunyiwe ikhophi leziphakamiso ezenziwe lapho.
21.3 Nganoma yiluphi udaba olubaluleke jikelele inhlangano exhunyiwe enesifiso sokuxhaswa yiNyunyana iyothintana nohulumeni kuphela ngokwedlula ebhodini leNyunyana.
21.4 Lapho icelwe ngumongameli noma ibhodi mayelana nendawo yayo nokuthola ulwazi kanye nokunikeza izibalo ezifanele ngalolo daba, inhlangano exhunyiwe iyokwenza uphenyo oludingekayo yethule umbiko ophelele ethubeni eliphuthumayo.
21.5 Lapho icelwe ngumongameli noma ibhodi ukubiza nokubamba umhlangano wanoma iyiphi inhloso ebalulekile kunoma iyiphi ingxenye yomphakathiolimayo, inhlangano exhunyiwe iyolungisela ukubamba umhlangano ezinsukwini eziyishumi nane ekutholeni isicelo futhi iyothumela umbiko wokuqhubekile ebhodini ethubeni eliphuthumayo.
21.6 Ekuqaleni kwalowo nalowo nyaka wezimali inhlangano exhunyiwe iyokwazisa umqondisi weNyunyana amagama namakheli omongameli / umgcinisihlalo nonobhala wayo. Noma iyiphi inguquko ngophethe isikhundla sikamongameli / somgcinisihlalo noma unobhala benhlangano exhunyiwe iyobikelwa umqondisiwe Nyunyana negama nekheli lobambe isikhundla omusha liyonikezwa nesaziso leso.
21.7 Inhlangano exhunyiwe iyobopheka ukuthi yenze xxxxx imiyalelo ekhishwe ngegunya likamongameli noma yibhodi ngencwadi efanayo ethunyelwa abaningi, incwadi noma ngenye indlela, nokuthi yedlulise ulwazi lolo njengoba kuceliwe ngendlela edingekayo
21.8 Zonke izinhlangano ezixhunyiwe kumele zithobele inqubo umthetho yokuziphatha.
22. IMPAHLA
22.1 Noma iyiphi impahla engesuswe xxxxx xxxxx etholwe xxXxxxxxxx xxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxx leNyunyana. Impahla leyo iyodingidwa ngesinqumo esiqhamuka ebhodini ngesikhathi ngesikhathi.
22.2 Ibhodi linegunya lokwedlulisela amandla alo ekomidini elincane lamalungu xxx xxxxx nelungelo lokwenza xxxxx xxxx misebenzi eyedluliselwe kulo xxxxxxxx xxxxxxxx yeNyunyana.
22.3 Amalungelo abekwe lapha ngaphambili ayofaka phakathi ilungelo lokuthenga, ukuthengisa, ukubambisa impahla ukuze kukhokhwe isikweletu nokubeka izikweletu noma uma kungenjalo kusetshenzwe ngayo xxxxx impahla yeNyunyana.
23. EZOMBUSAZWE
INyunyana iyohlala ngokuqinile ngaphandle kwezombusazwe zamaqembu.
24. IMIBANGO
Zonke izindaba ezibangwayo, noma izikhalo ezithintene nokuphathwa kwezindaba zeNyunyana, ziyokwenziwa ngokubhalela umqondisi. Isinqumo sebhodi ngalokho-ke siyoba ngumnqamula juqu, ngaphandle kokuthi ibhodi likubone kufanele ukufaka udaba engqungqutheleni, lapho-ke isinqumo sengqungquthela siyokuba ngumnqamula juqu.
25. UKUHLAKAZWA
25.1 INyunyana ingahlakazwa iphethwe ngesinqumo esikhethekile esedluliswe ngamanxusa akhona navunyelwe ukuvota engqungqutheleni ekhethekile ebizelwe xxxx xxxxxx angengaphansi kokuthathu kokune; esaziso ngayo esiyobe sikhishwe okungenani izinsuku ezingamashumi ayisithupha ngaphambili.
25.2 Uma kwenzeka kwenziwa isinqumo sokuhlakaza, ingqungquthela ekhethekile iyobeka abahlakazi futhi iyosho nendlela ukuhlakazwa okuyokwenziwa ngayo, futhi iyosho ukuthi izimpahla zeNyunyana uma zikhona ziyonikezwa noma ziyokwedluliselwa kwenye
inkampani noma inhlangano enezinhloso nezimpokophelo ezifana nezeNyunyana.
26. IZINGUQUKO KUMTHETHOSISEKELO
Izinguquko kumthethosisekelo ziyokwenziwa kuphela ngesinqumo sengqungquthela yaminyaka xxxxx xxxx ekhethekile, futhi inqobo uma isaziso sesiphakamiso leso sithunyelwe kumqondisi okungenani izinsuku ezingamashumi ayisithupha ngaphambi kwengqungquthela enjena, uyobeka isinqumo leso ohlelweni. Izinguquko lezo ngaphandle kokuthi isinqumo esifanele sinquma ngokunye, ziyosebenza ekuphetheni kokuqhubeke engqungqutheleni okwemukelwe kuyo izinguquko lezo.
27. IMIKLOMELO
Imiklomelo inikezwa yibhodi elifisa ukunikeza ukubongwa ngendlela efanele kubantu abenze umsebenzi omuhle ngokubabazekayo enhlanganweni kanye/noma kwezolimo ngokuhambisana nendlela elandelayo:
27.1 UMongameli ophiwe ubulungu aze ayoshona
Ibhodi lingakhetha njengomongameli ophiwe ubulungu aze ayoshona umongameli oshiya isikhundla noma owesikhathi esedlule.
Xxxxxxx xxxxxxxxxxxxxxx siyothunyelwa kulowo nalowo mongameli ophiwe ubulungu aze ayoshona, futhi uyokuba nelungelo lokwethula izindaba okuzoxoxiswana ngazo engqungqutheleni ngaphansi kwemigomo efana naleyo esebenza ezinhlanganweni ezixhunyiwe.
Umongameli ophiwe ubulungu aze ayoshona uyothola engqungqutheleni wonke amalungelo enkulumompikiswano anikezwa inxusa kepha akayukuba navoti ekukhethweni kwebhodi.
27.2 IPhini likaMongameli eliphiwe ubulungu lize liyoshona
Ibhodi lingakhetha njengephini likamongameli eliphiwe ubulungu lize liyoshona noma yimuphi umuntu onikeze umsebenzi ofanele ukubongwa kuNyunyana.
Xxxxxxx xxxxxxxxxxxxxxx siyothunyelwa kulelo nalelo phini likamongameli eliphiwe ubulungu lize liyoshona futhi liyokuba nelungelo lokwethula izindaba okuzoxoxiswana ngazo
engqungqutheleni ngaphansi kwemigomo efana naleyo esebenza ezinhlanganweni ezixhunyiwe.
Iphini likamongameli eliphiwe ubulungu lize liyoshona liyothola engqungqutheleni wonke amalungelo enkulumompikiswano anikezwa inxusa kepha aliyukuba navoti ekukhethweni kwebhodi.
27.3 ILungu eliphiwe ubulungu lize liyoshona
Ibhodi leNyunyana lingakhetha njengelungu eliphiwe ubulungu lize liyoshona leNyunyana noma yimuphi umuntu owenze umsebenzi obabazekayo nofanele ukubongwa kwezolimo ezihleliwe endaweni yeNyunyana. Ilungu eliphiwe ubulungu lize liyoshona liyovunyelwa wonke amalungelo eNyunyana anikezwa amanye amalungu enhlangano exhunyiwe kepha aliyukuba nanoma yimaphi amalungelo enkulumompikiswano noma awokuvota engqungqutheleni ngenxa yokukhethwa kwalo kobulungu bokuphiwa lize liyoshona ngaphandle kwalapho liyinxusa eliphakanyiswe ngokufanele.
27.4 Isitifiketi sokuBongwa
Ibhodi, ngokwesiphakamiso senhlangano yabalimi linganikeza isitifiketi ilungu lenhlangano yabalimi elenze umsebenzi ofanele ukubongwa kwezolimo ezihleliwe ezingeni lendawo.
28. UKUHUMUSHA
Kulo mthethosisekelo, ngaphandle kwalapho isimo sikhombisa ngenye indlela:
28.1 igama elisho umlimi liyochazwa ngokuthi umkhiqizi kwezolimo ekhiqizela umndeni wakhe futhi edayisa
28.2 igama elisho ilunga liyochazwa ngomuntu okhokhele ubulungu bakhe baKwanalu ngokuphelele kungakapheli unyaka wezezimali.
28.3 amagama achaza ubulili besilisa kumele afake nabesifazane xxxxx xxxxxxxx bezinye izinto.
28.4 amagama achaza ubunye kumele afake nobuningi nawobuningi afake ubunye
28.5 uhlelo kumele luchaze uhlelo lengqungquthela
28.6 iIungu libambisene, liyinkampani noma liyinxenye yenkampani kumele limelwe kunoma yimuphi umhlangano weNyonyana and ngaphambi komhlangano wekomidi noma kumhlangano wekomidini ngokukhethwa ilungu elibambisene noma umphathi wasehhovisi noma wenkampani , lelilunga elikhethiwe kumele libenelungelo lokusebenzisa amandla alo okuvota ngaphansi kwabaphathi bakhe futhi akhetheke njengesithunywa kwingqungquthela nakwibhodi nakunoma yiliphi ikomidi leNyunyana.
28.7 lingamelani nokubhalwe kumushwana , igama elithi “life- member” okuchaza ilungu elingaphelelwa ubulungu xxxx xxxx ninikumele lichaze kuphela umuntu oyedwa ngekelobobulungu badluliselwa komunye umuntu
28.8 Isihumusho sesiNgisi xxxx mthethosisekelo siyokuba ngokubhaliwe okusemthethweni.
28.9 Igama elisho isifunda esinqunyiwe kumele lichazwe ngokuthi umkhawulo njengoba kushiwo uMnyango wezaMasiko neZindaba zoHulumeni baseKhaya (COGTA).
28.10 Amagama athi izinhlangano zabalimi, izinhlangano zezolimo noma izinhlangano zabaninizwe kumele lifake wonke amaqembu abalimi
28.11 Igama elithi umlimi obecindezelekile esikhathini esedlule kumele lichaze umuntu omalungelo akhe abengabhekiwe kubangelwa umthetho odlule obubandlulula ngokwebala, ngokobulili, ngokwenkolo nangenye indlela.
N:\MAIN\Issues\CONSTITU\2011\Constitution_Sept_2011_Zulu.doc