SIQINISEKISIWE ISIVUMELWANO SAMAHOLO SEMINYAKA EMI-3 PHAKATHI KWABAKWA-SARS NE- NEHAWU NE-PSA
SIQINISEKISIWE ISIVUMELWANO SAMAHOLO SEMINYAKA EMI-3 PHAKATHI KWABAKWA-SARS NE-NEHAWU NE-PSA
PRETORIA, ngoLwesibili, mhla zi-2 kuMbasa 2019 - UPhiko lweziMali eziNgenayo eNingizimu Afrika (SARS), i-National Education Health & Allied Workers Union (NEHAWU) xxxxx xx-Public Servants Association of South Africa (PSA) bavumelene ngesivumelwano seminyaka emi-3 sokunyuswa kwamaholo ngo-8% emholweni wonyaka i-Guaranteed Total Packages wabasebenzi abangaphansi kweziNyunyana kulo nyaka, okuzoqala mhla zi-1 kuMbasa 2019.
Iminyaka emibili elandelayo yeSivumelwano, iphesenti lokunyuka komholo lizonqunywa ngokwe-CPI ebikezelwe ihlanganiswe no-2%.
Lokhu kuqeda isiteleka ebesiqhubeke izinsuku ezimbili ngesonto eledlule. Isivumelwano siphinde sibandakanye:
• Ukunyuka kwamanani emihlomulo yokusebenza isikhathi eside ngo-8% ngonyaka wezi-2019, uphinde unyuke ngephesenti elifanayo nelokunyuka komholo eminyakeni elandelayo.
• Isilinganisonani sokungena ngezikhathi ezingefani ngehora sizokwenyusa ngendlela efanayo, kuzoba u-8% ngonyaka wezi-2019, bese sinyuka ngephesenti elifanayo nelokunyuka komholo eminyakeni elandelayo.
• Ukwethulwa kohlobo olusha lwekhefu olwazi ngeKhefu llokuyoXukuza/langaphambi kokubeletha nokuyogoma lezinsuku ezi-8 kubasebenzi abafanelekayo.
• Ukwethulwa kweminyaka emibili yekhefu eliqondene nomndeni elibizwa nge-Family Responsibility Leave, lapho abasebenzi bengasebenzisa izinsuku ezi-5 abazinikiwe ngonyaka. Lesi siwombe sekhefu sizoqala ngonyaka wezi-2019.
SARS, NEHAWU ne-PSA baphinde bavumelana ngokuthi ezinye izinto zidluliselwe kusithangami sikwazwelonke i- National Bargaining Forum ziyodingidwa khona:
• Ukubuyekezwa kwenqubomgomo yemiHolo maqondana nemigomo yokunyuselwa imiholo.
• Izinhlobo ze-GTP Cash Allowance ezikhona abasebenzi abangakhetha kuzo.
• Izinhlobo zeMishwalense yesiKhathi esiFishane okumele kuxoxwe ngazo kubahlinzeki bosizo abangakwazi ukuhlinzeka abasebenzi bakwa-SARS amanani afinyelelekayo.
• Izinhlobo zebhondi yeNdlu okumele kuxoxwe ngazo kubahlinzeki bosizo abangakwazi ukuhlinzeka abasebenzi bakwa-SARS amanani ebhondi afinyelelekayo.
• Izinhlelo zoSizo lwezoKwelashwa okumele kuxoxiswane ngazo ukuze kukhulunywe ngezingqinamba ezikhona manje.
• Ukubuyekezwa kokuhlinzekelwa inqubomgomo yeKhefu lokuGula kwesihathi eside ukuze kubhekwane nezingqinamba ezikhona manje.
• Ukubuyekezwa kwenqubomgomo yokuQasha ukuze kubhekwe ukubandakanywa kokunyuselwa esikhundleni esiphezulu.
• Ukubuyekezwa kokuhlinzekelwa yinqubomgomo yemiFundaze uma kukhulunywa ngemifundaze yabathembele kuwe.
• Ukucabanga into yokubonga abasebenzi njengeSipho sokuPhuma uma usuthatha umhlalaphansi i-Retirement Exit Gift engalingana no-R2000, uma kufika isikhathi esibekiwe sokuthatha umhlalaphansi esiyiminyaka engama-65.
Izinhlangano zizinikele ekusebenzisaneni ekuthuthukiseni xxxxxxxx xxxxxxxxxx, ukuthuthukisa ukungena kwemali engenayo xxxxx xxxxxxxxx xxxxxxxx xxxxxxxxxx.
Abakwa-SARS bayabonga ngokuzinikela okukhonjiswe yizinhlangano kule nqubo, kanjalo nendlela eyakhayo okusonjululwe ngayo izingxoxo ngemiholo ukuze kulethwe uzinzo esikhungweni.